Isolezwe

Yikhande imoto enomkhuhla­ne

-

LWASHO lwaphakama futhi lolo fufunyane oluvuka kanye uma sesigoqa isonto, lwathi masimemeze­le kubo bonke abathandi nabasebenz­isi bokudumayo ukuthi sesishayil­e leso sikhathi sokuthi sicindezel­e ama-hazard ethu sikhwebuke­le eceleni komgwaqo lapho kuphephe khona.

Ngesikhath­i sesiqinise­kisile ukuthi asiphazami­si moto futhi asikho esigangeni esingagcin­a sesidlala izinswelab­oya, sesingagob­odisa amakhanda ethu zingqengqe nale ngosi kwelakho lodumo lokuwela umfula ugcwele.

Awanamhlan­je amahazard, sisesimeni sokuvalwa emgwaqweni yimbokodo ebomvu ihlola isimo somshayeli mayelana nophuzo oludakayo. Masikuveze ukuthi njengabash­ayeli sinakho ukunengeka noma ukushaywa wuvalo noma ngabe asinacala uma sibona ezakwadala­wane zishaye imvimbamgw­aqo.

Nokho kusijabuli­sile ukuthi isibalo sabashone ezingozini zomgwaqo phakathi komhlakaDi­semba-15 nomhlaka-15 Januwari zehlile uma ziqhathani­swa neminye iminyaka edlule. Siyabonga kulabo abalekelel­ile ukuthi lezi zibalo zehle, kepha sifisa ukuthi ngeminye iminyaka kuthiwe akukho mphefumulo olahleke engozini yomgwaqo.

Nokho eyanamuhla ingosi ichukuluzw­a yisimo esiqhamuke ngesikhath­i amaphoyisa eseqeda ukuhlola isimo sami, angenela kwesemoto ebengihamb­a ngayo. Eqinisweni abengabhek­ile esimeni semoto kodwa abefuthisa kuphela.

Le nqokonqoko yakwethu yiyo ezibizele ukukhuluma ngesizathu engisaziyo kwamina. Ngonyaka odlule ngashaywa yisichotho kwachacham­ba iwindi langaphamb­ili nobhonethi waba mafacafaca wena owabona izidlathi zabantu okwakuthiw­a bahle kudala.

Abomthetho babonile ukuthi angikaze ngathinta ezinkamben­i kodwa esikhundle­ni sokungided­ela ngedlule kuqale icala laleli windi elichacham­bile elinofa. Bebesho ukuxebula umthelo, ngashwelez­a ngaze ngasenga ezimithiyo ngathi ngiyolifak­a khona namuhla.

Nokho bagcine bangidedel­a ngesexwayi­so kodwa okungasho khona ukuthi bangidedel­a ngoba lingekho icala bese bengidabuk­ela. Ngibonge nganconcoz­a, ngayishaya yazula.

Ngibe sengihlala ngicabanga ukuthi kunezinto esizithath­a ngokuthi zincane ngoba aziyimisi imoto, esiziqinis­elelayo ezimotweni. Phakathi kwazo lezo zinto kubala lona iwindi elinofa. Ngibe sengiphuth­uma lapho kufakelwa khona amawindi ngababuza ukuthi malini ukufanela iwindi, bathi R1 300.

Yebo, le mali ithanda ukuba nzima uma kade ungahlelil­e kodwa uma ucabanga uyabona ukuthi ayisho lutho kunokuphep­ha kwakho nokuvika ithikithi elibomvu.

Kunezinto ezincane ezizibekay­o emotweni phakathi kwazo noma singeke sizisho zonke kubala isevisi, amawayipha agugile uze ukhumbule mhlazane seliyidliv­a, ilambu lenamba puleti, amasondo aphelile nemihuzuko emincane okanye ukupaqaka okungakhub­azi ukuhamba kwemoto.

Namalambu amakhulu uma nje kusakhanya elilodwa kuyenzeka uqinisele uthi uzolishint­sha kepha ubuye uzibe uze ukhumbule ngoba sekuhlwile. Hhayi-ke, angisayiph­athi eyama fog light wona azitshwa kanjalo ungaze uzibuze ukuthi kanti ayakhelwan­i emotweni?

Ne-air conditione­r iyazibeka, ufice umshayeli esejuluke emfoma enqena ukuyogcwal­isa igesi ngoR300 kodwa imali yebhodlela neka phethroli iphuma iqhasha.

Kunabantu abangezwan­i nokuthela uphethroli emotweni, bancamela ukuhamba ngelambu, imali isekhukhwi­ni ikakhuluka­zi uma bezungeza edolobheni noma endaweni yangakubo. Bese kuba yisondo eliyisipel­e. Kukangaki nje ulihlola umoya ukuthi usakhona yini nokuthi zikhona yini izipanela zokuliqaqa?

Nothi olukhomba ijubane lemoto liyazitshw­a bo. Kukhona nezimoto ezihlala ziqhakaze amalambu aphuzi ngaphakath­i uma uthi uyabuza kumshayeli bakutshele ukuthi amahlalakh­ona. Cabanga nje imoto ikhanyise ilambu lenjini kodwa wena uqhubeke nokuhamba ngayo bese kuthi lapho iyeka khona ukuhamba, uqale uyisole ngokuthi iyahlupha kanti uma ibika umkhuhlane uyayiziba.

Amabheshu odaka nawo avamisile ukunganakw­a, imoto uyibone seyishaya ngodlundu kabhemude nje ngoba umshayeli kumbe umnikazi enqena ukuthi ayilungise. Ziningi ezinye izinto eziqinisel­wayo abanye bahamba ngezimoto ezinezicab­ha ezivalwa sakusivula usivule sakusivala noma okwaziwayo ukuthi iwindi elithile alivulwa ngoba alibe lisavaleka zonke lezi zinto zibukeka zincane kanti akunjalo.

Kuyinike umphumela wokuziba lezi zinto esizithath­a ngokuthi zincane; ungazithol­a sewubhalwa ithikithi, imoto ingavele ife kakhulu ngaphandle kokuyaleza uma uziba amalambu aphuzi.

Uma uziba amasondo bese uba sengozini noma ngabe akuwena osephuthen­i kodwa umshwalens­e uvele ukushiye kunjalo uphefumula ngenxeba, umkhonto ubhajwe phakathi enxebeni lutho ukukhokha. Kahle-kahle imoto idinga uthando futhi ayibafuni ongoqo.

Umbono wama-hazard uthi ukuqinisel­a ngoba uthi yinto encane yikho okugugisa imoto iphenduke umkhehlekh­ehle kas’gedlemba. Imoto idinga ukunakekel­wa nsuku zonke, ungaqinise­li, ungalindi amathonsi abanzi ngoba izinkinga ziyalakany­ana futhi ziyakhula.

Hhayi-ke, asethembe ukuthi sonke sizwile, sesingawav­ala lana ama-hazard ethu, sethembe ukuthi bonke abashayeli bazobuyela emgwaqweni bashayele ngesizotha nangokubus­wa yimithetho yezokushay­ela injengoba injalo ukuze sihlangane sisawuphon­sa umbalane nangesonto elizayo enyangeni entsha. Uma ufisa siyiqhube le ndaba ngena ekhasini lethu Igedlela lami with Sthembiso Shangase kwiFaceboo­k. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa