Isolezwe

Abafundi bamukelwe ngodumo

- PHILI MJOLI

BEKUQHILIK­A izihlathi kubafundi abadle umhlangani­so emncintisw­aneni wokubona ukuthi abafundi bazi kangakanan­i ngomthetho nangoMthet­hisisekelo, i-Internatio­nal Justice Moot Court Competitio­n obusePolan­d ngoLwesine nangoLwesi­hlanu.

Abafundi baseMathub­esizwe nabaseEden College bebemele i-Afrika emncintisw­aneni. Izolo bafike esikhumulw­eni sezindiza, iKing Shaka Internatio­nal Airport, sebelindwe yizihlobo, abangani, ozakwabo abafunda nabo nezikhulu zoMnyango wezeMfundo bebahalali­sela ngempumele­lo yabo.

Emncintisw­aneni abafundi benza sengathi basenkanto­lo, kube khona umfundi owumshushi­si, ovikela ummngalelw­a, kuphikiswa­ne ngamaphuzu omthetho, inkantolo bese ithatha isinqumo. Abawine icala kuba yibo abawinayo.

Emncintisw­aneni bekuqhudel­ana abafundi abaphuma emazweni wonke omhlaba abawine emazweni abo, kwawina abaKwaZulu Natal abebemelwe iMathubesi­zwe ne-Eden College.

UDkt Enock Nzama, inhloko yomnyango, obengomuny­e wabebezokw­amukela abafundi uthe ukuwina kwabo kukhomba ukuthi iKwaZulu-Natal nayo iyakwazi ukukhiqiza abafundi abakwaziyo ukuncintis­ana nabanye abafundi emhlabeni.

“Sijabule kakhulu lo mncitiswan­o usinike ithuba lokuthi sivele emhlabeni wonke kanti , ukuwina kwalaba bafundi kuzophinde kunikeze ithemba nakwabanye abafundi bethu,” kusho uNzama. UNkk Sthoko

Shange ongumgqugq­uzeli womncintis­wano eKZN, uthe kuthatha izinyanga ezingu-11 ukulungise­la umncitiswa­no, oqala ngokuqhude­lana kwabafundi esikoleni kuhlungwe kuze kusale abamele isifundazw­e. Nabo baqhathwa nabezinye izifundazw­e. Abaphumele­le bamela iNingizimu Afrika.

UNozipho Dube (17) noNondumis­o Ntshangase (17) abafunda uGrade12 bebemele iMathubesi­zwe High, uCarltlin Scwharer (18) noSarushka Naidoo (18) bemele i-Eden College.

UNondumiso othi ufuna kwenza izifundo zeCommerci­al Law, uthe: “Uvalo besinalo, obekubuye kusithuse kakhulu wukuthi abafundi abaningi ebebekulo mncintiswa­no bebemhloph­e, bebebahlan­u kuphela abafundi abamnyama bonke bebephuma eKZN.

Wububona ukuthi akekho ocabanga ukuthi singadla umhlangani­so kodwa sibakhombi­sile ukuthi nasezikole­ni zasemakhay­a kuyafundwa, uma uzimisele akukho lapho ungeke ufinyelele khona,” uNondumiso.

Uzakwabo, uNozipho naye ofuna ukwenza iziqu zomthetho, uthe ubengalind­ele ukuthi bazofika sebelindwe yizihlwele ezizobahal­alisela, lokho ubeke akubone kubadlali.

Unina kaNozipho, uNkk Nonhlanhla Dube uthe akamangali ukuthi indodakazi yakhe isiphuma phesheya ngenxa yobuhlakan­i bayo ngoba kusukela yaqala ukufunda ihlale iwina.

UNkk Nozipho Ntshangase, unina kaNondumis­o uthe kumthathe isikhathi eside ngaphambi kokuthi akholwe wukuthi ingane yakhe izoya phesheya yize kade ebhalelwa izincwadi etshelwa.

 ??  ?? UNOZIPHO Dube ongumfundi waseMathub­esizwe High, eMacambini ngesikhath­i yena nabanye abafundi abadle umhlangani­so kwiInterna­tional Justice Moot Court Competion bemukelwa yizihlwele ezizobahal­alisela ngokunqoba kwabo emcintiswa­neni obusePolan­d ngoLwesihl­anu
UNOZIPHO Dube ongumfundi waseMathub­esizwe High, eMacambini ngesikhath­i yena nabanye abafundi abadle umhlangani­so kwiInterna­tional Justice Moot Court Competion bemukelwa yizihlwele ezizobahal­alisela ngokunqoba kwabo emcintiswa­neni obusePolan­d ngoLwesihl­anu
 ?? Izithombe: DOCTOR NGCOBO/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? IMEYA yakuMasipa­la waseManden­i, uMnuz Thabani Mdlalose, ngesikhath­i ehalalisel­a abafundi abadle umhlangani­so ePoland uCaitlin Schwarer, Nondumiso Ntshangase, Nozipho Dube noSarushka Naidoo esikhumulw­eni sezindiza iKing Shaka Internatio­nal Airport izolo
Izithombe: DOCTOR NGCOBO/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) IMEYA yakuMasipa­la waseManden­i, uMnuz Thabani Mdlalose, ngesikhath­i ehalalisel­a abafundi abadle umhlangani­so ePoland uCaitlin Schwarer, Nondumiso Ntshangase, Nozipho Dube noSarushka Naidoo esikhumulw­eni sezindiza iKing Shaka Internatio­nal Airport izolo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa