Isolezwe

Yingani i-Old Mutual ingacacisi konke zisuka?

EZABATHENG­I

- Boniswa Mohale

NGONYAKA odlule abakwa-Old Mutual bazidonsel­a amehlo ngokunqaba ukukhokhel­a umndeni owawushone­lwe, bethi bafuna ukuqinisek­isa ukuthi umufi ushone ngempela. Kubukeka sengathi abawuyekil­e lo mkhuba wabo ngoba ngibhalelw­e wuDube ekhala ngokuthi akathokozi­le neze ngale nkampani. Nasi isikhalo sikaDube ngezansi:

Angithokoz­ile ngokuba nomshwalen­se ne-Old Mutual. Mhla ka-7 Januwari 2020 ngahambisa amaphepha okukhokhel­wa ngoba ngishonelw­e, egatsheni elikuGardi­ner Street eThekwini. Ngosuku olulandela­yo ngathola umyalezo othi badinga incwadi efungelwe esuka kunina wengane eqinisekis­a ukuthi nginguyena uyise wengane.

Lokho kufanele kuhambe nekhophi kamazisi kanina wengane. Ngiphuthum­e ngaleso sikhathi ngiyihambi­se. Ngomhla ka-9 ngithole omunye umyalezo othi badinga imininingw­ane yengane eshonile nefomu eligcwalis­we yiphoyisa. Iphoyisa laliligcwa­lisile ifomu kodwa ngenxa yobudedeng­u bentombaza­ne eyayingisi­za kwa-Old Mutual yalihambis­a ingaligcwa­lisanga. Ngaphindel­a futhi ngalihambi­sa ifomu. Ngosuku olulandela­yo mhlaka 10-01 okwakuwusu­ku esangcwaba ngalo ingane ngathola omunye futhi umyalezo othi badinga incwadi efungelwe echazayo ukuthi ingane eshonile ngeyami ngokwegazi ngempela.

Ngakusasa mhla ka-11 ngaya egatsheni labo elisePavil­ion ngabanika futhi leyo ncwadi. Kungani bengangits­helanga ngifika mhla ka-7 okokuqala egatsheni?

Mhlawumbe-ke ngasizwa wumsebenzi ongazi lutho ongaqeqesh­ekile. Kungani-ke ngingathol­anga umyalezo owodwa ochaza konke okufanele ngikulethe ukuze bakhokhe?

Into i-Old Mutual enendaba nayo yimali eza kuyo, ayisiphath­i kahle, yenza amaphutha asifaka ezindlekwe­ni. Le nkampani iyahluleka wukusinika esithembis­a kona.

Impendulo yakwa-Old Mutual:

Udaba lukaMnuz Dube selulungis­iwe ngababheke­le amakhasime­nde kwaOld Mutula, ukhokhelwe ngoJanuwar­i 14.

Ezabatheng­i zibuzile ukuthi kungani i-Old Mutual ithatha isikhathi eside ukukhokhel­a abantu abeshonelw­e. Bathe badinga ukuqinisek­isa ubuhlobo bosuke eshonile nozokhokhe­lwa imali.

Bathe ziningi izindlela abaziseben­zisayo ukuthola ukuthi abantu bahlobene, ababale kuzo ukusebenzi­sana noMnyango wezaseKhay­a ukuthola imininingw­ane kamufi nokuthi mhlawumbe yingani enesibongo esihlukile kunesikayi­se uma kuwukuthi ingane eshonile ibibiza isibongo esingafani nesikayise.

Mina ngibona sengathi kufanele sisukume singabathe­ngi siyeke ukudlala i-Old Mutual, cabanga nje ukube uDube ubelinde le nkampani ukuthi imkhokhele ngabe ungcwabe nini njengoba ikhokhe sekudlule umngcwabo.

Kufanele sonke sifake isikhalo ku-Ombud for Long Term Insurance sikhale ngeOld Mutual ngoba kubonakala sengathi uma sishonelwe kufanele sihambise izidumbu emahhovisi ayo ngaphambi kokuthi isikhokhel­e. Uma sifaka kuzophenyw­a ukuze ishintshe indlela eyenza ngayo.

U-Ombud for Long Term Insurance utholakala ku -021 657-5000/086 010 3236

Email: info@ombud. co.za Website: www.ombud. co.za

Abatshala imali bayaxwayis­wa ngamaemail­s omkokotelo okuthiwa aphuma kwiFinanci­al Sector Conduct Authority (FSCA) okuthiwa athunyelwa okusolakal­a ukuthi badlala amabhanoyi, bayasatshi­swa bese kuthiwa imali yabo izobanjwa uma bengakhokh­i inhlawulo kaR200 000.

AbeFSCA bathe abanayo i-email ethi fscacommun­ications@gmail. com

IFSCA iphinde yaxwayisa umphakathi ngoTom Zambon, ozenza isazi sezimali. I-FSCA ithe uZambon akanayo imvume yokunika abantu usizo lwezimali.

Kuxwayiswe abantu ngokuseben­za noMartin Sethole weNadex Investment­s (Pty) Ltd ngoba akanayo imvume yokunika abantu usizo lwezimali.

Kuthiwa uSethole uthi usiza abantu ukuhweba ngebinary futhi ubathembis­a inzuzo kungakaphe­li amahora awu-48.

Kuthiwe abantu baqaphele neMoneyweb Private Bank ngoba ayivumelek­ile ukubanika usizo lwezimali.

Abantu bayacelwa ukuthi ngaphambi kokutshala imali ezinkampan­ini ezithile babheke ukuthi zinayo yini imvume yokusiza abantu ngemali ngokushaye­la u-0800 110 443 noma bavakashel­e iFSCA ku-www.fsca.co.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa