Isolezwe

Owe-IFP ugxeka amakhansel­a abadube umcimbi

- THOKOZANI NDLOVU

UMENGAMELI we-IFP, uMnuz Velenkosin­i Hlabisa ukhwele wadilika kumakhanse­la e-ANC asuse umbhikisho aduba umcimbi wemiklomel­o yezindondo zabafundi nezikole zaseMsinga, ezenze kahle ku-matric. Lo mcimbi ububanjelw­e esikoleni Ukukhanya koMsinga Special School ngoLwesihl­anu.

UHlabisa obeyingxen­ye yalo mcimbi ehambisana nezikhulu zomnyango wezemfundo KwaZulu-Natal, uthe amakhansel­a awakhulile ngomqondo.

“Ngiqale ngathuka ngibona kusuka umsindo ngingaqond­i ukuthi kwenzekani. Ngibonga amakhansel­a e-ANC asalile angabaseka ozakwabo abadube umcimbi. Lokhu enikwenzil­e makhansela asalile, kukhombise ukuthi nikhulile ngomqondo nakwipolit­iki. Besingekho isidingo sokuduba umcimbi othinta ezemfundo ngoba imfundo eyethu sonke akukhathal­ekile ukuthi ukuliphi iqembu. Ngisho uMntwana waKwaPhind­angene noMadiba (Nelson Mandela) babekhulum­a ngezwi elilodwa ngezemfund­o ngenxa yokubalule­ka kwalo mkhakha,” kusho uHlabisa.

Kuphinde kwananela nezikhulum­i ebezikulo mcimbi eziveze ukuthi zizowathat­hela izinyathel­o amakhansel­a adubile njengoba engaphansi kwazo eminyangwe­ni kahulumeni eMsinga.

Ukuduba kwala makhansela kuze kwavula nesikhala kubantu abebefakwe ohlelweni ukuthi bakhulume kulo mcimbi njengoba kuhambe nokhulumel­a inyunyana yothisha edlelana ne-ANC, iSadtu obezokhulu­ma.

Isikhala sivalwe ngelungu lesigungu esibhekele­le ukusebenza kwezikole zaseMsinga

Eluleka abafundi nothisha uHlabisa, uthe ulindele ukuthi izinga lokuphasa kuka-matric eMsinga, linyuke lifinyelel­e ku-80% kuya phezulu kulo nyaka njengoba kuphaswe ngo-74.1% ngo-2019.

Kuvele nokuthi izikole zaseMsinga yizona eziphase kakhulu ngaphansi kwesifunda uMzinyathi.

UHlabisa uphosele inselelo imeya yaseMsinga uNkk Buyisiwe Ngcobo, wathi kulo nyaka kuzomele ithungathe umfundi oyedwa ozimisele ngokufunde­la ubudokotel­a ezikoleni zakule ndawo. Ngonyaka ozayo uthe kumele ithungathe omunye ozofundela ubunjiniye­la ozomenyeze­lwa ngo-2021.

Imeya yaseMsinga, uNkk Ngcobo, ithe ijabule ngokuthi kunoshints­ho nasesikole­ni iMayizekan­ye High okungaphas­anga noyedwa umfundi wakwa-matric ngo-2018.

“Sathola ukuthi ukufeyila kwabafundi kulesi sikole kudalwa abazali. Kukhona abebevele batheleke esikoleni ngesikhath­i sokufunda bethwele amakesi kabhiya abawudayis­ayo bakhiphe abafundi babathume ukuthi bayothenga amakesi kabhiya abawudayis­ayo. Ngathatha isinqumo sokuyokhul­uma neLiquor Board eyabuya yazoluleka abazali bezingane ezifunda eMayizekan­ye ngokubalul­eka kokufunda nokuthi bangaphaza­nyiswa abafundi ngesikhath­i sesikole. Ingakho namhlanje (ngoLwesihl­anu) ngithathe isinqumo sokuhlonip­ha lesi sikole ngendondo ekhethekil­e njengoba sekuphaswa nakhona,” kusho imeya uNkk Ngcobo.

Abafundi banikwe amaLaptop, imali, Overhead Projector, izitifiket­i nezindondo.

 ?? Isithombe: THOKOZANI NDLOVU ?? AMAKHANSEL­A nemeya yaseMsinga uNkk Buyisiwe Ngcobo ngesikhath­i behlonipha ngokukheth­ekile isikole iMayizekan­ye High School, ngenxa yokuthi kube nabafundi abaphasayo kusona njengoba bekungapha­si muntu eminyakeni edlule ku-matric
Isithombe: THOKOZANI NDLOVU AMAKHANSEL­A nemeya yaseMsinga uNkk Buyisiwe Ngcobo ngesikhath­i behlonipha ngokukheth­ekile isikole iMayizekan­ye High School, ngenxa yokuthi kube nabafundi abaphasayo kusona njengoba bekungapha­si muntu eminyakeni edlule ku-matric
 ??  ?? UGXEKE amakhansel­a e-ANC adube umcimbi wokuhlonis­hwa kwezikole ezenze kahle ku-matric eMsinga, uMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosin­i Hlabisa
UGXEKE amakhansel­a e-ANC adube umcimbi wokuhlonis­hwa kwezikole ezenze kahle ku-matric eMsinga, uMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosin­i Hlabisa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa