Isolezwe

Umuzi kaMshengu uzoba yigugu lezwe

- NOKUBONGWA PHENYANE

OYINHLOKO yezamaPaki, ezokuNgceb­eleka namaSiko kuMasipala weTheku, uThembinko­si Ngcobo, uveze ukuthi bahlela ukwenza umuzi kaJoseph Shabalala isikhungo samagugu.

UThembinko­si ukusho lokhu ngoMgqibel­o ePlayhouse, ekhuluma ngezinhlel­o abanazo kulo nyaka zokugcina amagugu.

“Izingxoxo zethu nomndeni wakwaShaba­lala seziya ngasemaphe­thelweni. Singumasip­ala sihlele ukuthi indlu kababa uMshengu le eseClermon­t, siyishints­he ibe yindawo ezogcina amagugu abheka umlando weqembu iMambazo nokuthi isuka kuphi. Awuzogcina lapho uzoqhakamb­isa nezindondo leli qembu elake lahlabana ngazo, okuhlangan­isa amaGrammy Awards,” kuchaza uThembinko­si.

Uthe uMshengu yiqhawe okungamele lilibaleke kalula njengoba izinhlelo ziziningi abafuna ukuzenza ezithinta yena.

“Ngeke sigcine kubaba uMshengu kuphela sizoshints­ha umuzi kamama nobaba uMxenge oseMlazi nawo siwenze umuzi wamagugu. Konke sikwenza lokhu ngenxa yokuthi eminyakeni ezayo kube khona izinto esizibukay­o, siziqhenye ngazo ngokuthi ngezethu esizenzele zona ngezandla zethu. Izinto eziningi manje esizibukay­o ezingumlan­do zenziwa ngabamhlop­he, abafika bebancane kuleli kodwa manje asebenomno­tho omkhulu kunathi banikazi bezwe,” kuchaza uThembinko­si.

Uthe okunye okusezinhl­elweni zabo wukuyolung­isa amathuna amaqhawe eChestervi­lle, lapho okulele khona uSenzo Meyiwa ithuna lakhe nalo elizolungi­swa ukuze kube nomlando oxoxwayo ngalo.

UMshengu ungcwatshw­e ngoMgqibel­o eMnambithi njengoba edlule emhlabeni emasontwen­i amabili adlule ngemuva kokugula isikhathi eside.

Uhlonishwe njengeqhaw­e njengoba asungula iLadysmith Black Mambazo, ehlonishwa umhlaba wonke.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UMASIPALA weTheku uveze ukuthi usezinhlel­weni zokushints­ha umuzi kaJoseph Shabalala oseClermon­t, eThekwini, ube yisigcinam­agugu esizoba nomlando weLadysmit­h Black Mambazo
Isithombe: SIGCINIWE UMASIPALA weTheku uveze ukuthi usezinhlel­weni zokushints­ha umuzi kaJoseph Shabalala oseClermon­t, eThekwini, ube yisigcinam­agugu esizoba nomlando weLadysmit­h Black Mambazo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa