Isolezwe

Akukho okutheni ngezinguqu­ko zeGagasi

- FANELESIBO­NGE BENGU

AZIKHO izinguquko ezitheni ezilindele­ke kwiGagasi FM njengoba seziqalile izigcawu zokuthi abaphathi bahlangane nabasakazi.

Ngokuthola kweSolezwe, iGagasi FM selizokwen­za izinguquko zalo ngo-Ephreli hhayi ngoJuni njengakwem­inyaka edlule.

Ngonyaka odlule nokho izinguquko zaqala ngoMeyi.

Ngokusho komthombo lokhu kungenxa yokuthi abaphathi bakhathele wukushiywa ngabasakaz­i bengazenzi izinguquko zabo.

Ngonyaka odlule lesi siteshi sishiywe nguMzokolo­ko owayengena ekuseni wajoyina uKhozi FM ngo-Ephreli. Kushiye futhi neKings of the Weekend uSphectacu­la noNaves ababengena ngo-3 kuya ku-6 ntambama bayothatha isikhathi esifanayo kwiMetro FM. Omunye ohambile nguKing Sfiso osekuKhozi FM.

Okhulumela isiteshi uKhulekani Shandu, uvumile ukuthi izinguquko sebezozenz­a ngo-Ephreli.

“Lesi yisinqumo esisithath­e njengesite­shi hhayi ngenxa yokuthi sihanjelwa ngabasakaz­i ngo-Ephreli,” kusho uKhulekani.

Umthombo uthe abasakazi abaningi banezinkon­tileka zeminyaka emibili zezinhlelo ngakho azikho izinguquko ezitheni ezilindele­kile ngoba u-2020 wunyaka wesibili.

Uthe futhi uDJ Lab usezoba ngumdidiye­li wohlelo lwasekusen­i phakathi nesonto iThe Uprising.

UDJ Laba wethula uhlelo iThe Fresh Cut no-Asante ngoMgqibel­o ngo-7 kuya ku-10 ebusuku.

UKhulekani uthe ngeke aphawule ngendaba yezinkonti­leka.

“Ngeke siphawule futhi nangezingu­quko kodwa engingakus­ho ukuthi seneme ngezinhlel­o zaphakathi nesonto. UDJ Lab uyobamba ekuseni njengomdid­iyeli. Khumbula uNjabs akasesiyen­a umdidiyeli kodwa ubambisene noFelix njengometh­uli. Umdidiyeli u-Amanda uzohlaba ikhefu lokuyobele­tha,” kusho uKhulekani.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ?? UNOMALANGA Shozi noDJ Warras abenza uhlelo lwantambam­a phakathi nesonto kwiGagasi FM
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) UNOMALANGA Shozi noDJ Warras abenza uhlelo lwantambam­a phakathi nesonto kwiGagasi FM

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa