Isolezwe

Ababili ecaleni lokudlweng­ula intombi nto

- SIMPHIWE NGUBANE

KUBOSHWE isihlobo nomakhelwa­ne ngecala lokudlweng­ula bese kubulawa owesifazan­e (20) obeyintomb­i nto eMasheshen­i, KwaMolefe, eNquthu, ngoMgqibel­o ebusuku.

UNksz Nomvula “Juba” Buthelezi (20) kusolakala ukuthi udlwengulw­e wumzala wakhe nomakhelwa­ne beshintsha­na ngaye base beyambulal­a.

Kuthiwa bekunomcim­bi wokucela umshado kubhuti wasemndeni­ni ohlala emzini ongumakhel­wane. Emva komcimbi uNksz Buthelezi uhambe namanye amalungu omndeni ebusuku beya esitolo beyodlala izingoma ku-jukebox.

Babuye behlukana ngezindlu zokulala ngoba kuthiwa umufi ubelala nonina. Kuthiwa uhlaselwe eya egunjini alala kulo, bafike bamklinya base bemhudulel­a kwenye indlu bamdlwengu­la maqede bamumboza ubuso bemncisha umoya waze wafa.

Kuthiwa bamlalise embhedeni kuhle komuntu ozilalele nje.

Umzala kamufi kuthiwa ubuyele endlini ahlala kuyo wabonwa unina egqoke ibhulukwe ebeligcwel­e igazi ngaphambil­i wazitshela ukuthi ubelwa ngoba kade kunomcimbi.

Unina kamufi kuthiwa ubone ngophaqa nesikhindi sangasese kukaNksz Buthelezi kuphansi kunomaka womuntu obehudulwa phansi. Balandele lo maka baze bayongena endlini ebekulalis­we kuyo umufi. Embhedeni nasebuntwi­ni bakhe bekugcwele igazi isiketi abesigqoki­le sikhushuli­we.

Kubizwe amaphoyisa ngeSonto emuva kokuthi kube nezinsolo zokuthi umzala uyathintek­a, afike amhloma ngemibuzo ase embopha. Izolo ekuseni abuye azobopha umakhelwan­e ngenxa yokuqina kwezinsolo zokuthi ubengeyedw­a egila le migilingwa­ne.

Kuthiwa lokhu kwenzeke izulu lina kungezwaka­li kwezinye izindlu obekwenzek­a. Kusolwa ukuthi ababoshiwe bebephuzil­e.

UNgqongqos­he woMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, uzwakalise ukushaqeka nokudabuka ngokudlwen­gulwa bese kubulawe owesifazan­e.

Okumphathe kabi kakhulu wukuthi ubulawe ngabantu abesondele­ne nabo obekulinde­leke ukuthi bamvikele.

“Abesifazan­e abaphephil­e uma kuwukuthi abantu okumele ngabe bayabavike­la bayabahluk­umeza bababulale. Kusithoba amanxeba ukuthi abasolwa baboshiwe, asifuni banikwe ibheyili kepha ababolele ejele. Asifuni kube nokusolana emndenini, akudedelwe umthetho wenze umsebenzi wawo,” kusho uNkk Khoza.

Unxuse abazali ukuba bahlangany­ele ekukhulisw­eni kwezingane zabafana bazifundis­e ngokuvikel­a kwabesifaz­ane futhi baziqhelel­anisa nodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe icala lokubulala kwaboshwa indoda eneminyaka ewu-35 ngeSonto.

UColonel Mbele uthe yimiphumel­a yokuhlolwa kwesidumbu ezocacisa ngembangel­a yokufa kukaNksz Buthelezi. Uthe indoda kulindelek­e ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseNquthu namhlanje.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa