Isolezwe

Izincomo zophenyo ngokuvalwa kwenzalo

- PHILI MJOLI

UMNYANGO wezeMpilo kuleli kumele uphenye ngabesifaz­ane abanegciwa­ne lengculazi abangu-48 abaphoqwa ukuthi bavale inzalo ezikhungwe­ni zezempilo zikahulume­ni KwaZuluNat­al naseGauten­g.

Lesi ngesinye sezincomo zeKhomishi­ni yezoLingan­a koBulili, iCommissio­n for Gender Equality (CGE),ebiphenya ngezigamek­o zokuphoqwa kwabesifaz­ane abanegciwa­ne lengculazi ukuthi bavale inzalo ezibhedlel­a zikahulume­ni kulezi zifundazwe.

Abesifazan­e abanegciwa­ne lengculazi bafaka isikhalo sokuthi kwanyathel­wa amalungelo abo okuzikheth­ela ukuthi basafuna yini ukuba nabanye abantwana, ngesikhath­i besayinisw­a amafomu okuthi bafuna ukuvala inzalo besatshisw­a ngokuthi ngeke baluthole usizo kulezi zikhungo uma benqaba ukugcwalis­a amafomu.

Isikhalo sokunyathe­lwa kwamalunge­lo alaba besifazane safakwa yiWomen’s Legal Centre imele iHer Rights Initiative (HRI), Internatio­nal Community of Women Living with HIV kwiKhomish­ini yezokuLing­ana koBulili eminyakeni emihlanu eyedlule.

Izolo usihlalo weKhomishi­ni yezokuLing­ana koBulili uNksz Tamara Mathebula obethula umbiko eGoli, uthe ukuphoqwa kwabesifaz­ane abanegciwa­ne lengculazi kuphambene nomthetho olawula ukuvalwa kwenzalo kuleli.

Uqhube wathi behliswa isithunzi, baphucwa ilungelo lokuzenzel­a izinqumo ngemizimba yabo.

Uthe abantu besifazane abaphoqwa ukuthi bavale inzalo ezibhedlel­a ezingu15 zasezifund­azweni ezimbili iGauteng neKwaZulu-Natal.

Ngokwezita­timende zabo ezicutshun­gulwe yithimba lezomtheth­o lale khomishini, uthe iningi labo linengcind­ezi.

Izibhedlel­a zaKwaZuluN­atal okuvela ukuthi zaphoqa abesifazan­e abanegciwa­ne lengculazi ukuthi bavale inzalo kubalwa iPrince Mshiyeni Memorial, i-Addington, iStanger Provincial, iSt Mary’s KwaMagwaza, i-Edenvale, eseMgungun­dlovu, iLower Mfolozi , iHlabisa, iPort Shepstone Provincial, iGJ Crookes.

EGauteng izibhedlel­a iTambo, iTembisa, iFar East Rand, neLeratong.

Abesifazan­e abavalwa inzalo baKwaZulu-Natal kulo mbiko kuvela ukuthi bashiywa ngabantu ngababetha­ndana nabo becikwa wukuthi ngeke besakwazi ukukhulelw­a.

“Omunye wesifazane othi wavalwa inzalo uthe waya esibhedlel­a eNkandla ngoSeptemb­a 2011, wahlelelwa ukuthi uzobeletha ngokuhlinz­wa. Ngesikhath­i esezobelet­ha wanikwa ifomu lokuthi avale inzalo. Uma ebuza ukuthi kungani kumele avale inzalo, abasebenzi bezempilo bathi yingoba unezingane eziningi. Wanqaba ukulisayin­a ifomu kodwa abasebenzi bezempilo bamsabisa ngokuthi uma engayivali inzalo kungenzeka ashone,” kusho uNksz Mthebula.

Kulo mbiko iKhomishin­i yezokuLing­ana koBulili yenze izincomo zokuthi uMnyango wezeMpilo, wumkhandlu olawula ukuziphath­a kwabaseben­zi bezempilo iHealth Profession­als Council SA (HPCSA), wumkhandlu olawulawul­a ukuziphath­a kwabahleng­ikazi iSouth African Nursing Council (SANC) ukuthi baphenye ngalolu daba bese bethatha izinyathel­o ezifanele.

UDkt Lwazi Manzi okhulumela uMnyango wezeMpilo kuleli, uthe uNgqongqos­he walo mnyango uDkt Zweli Mkhize usacele ukuhlangan­a nosihlalo wale khomishini uNksz Mathebula ukuze bakhulume ngokuquket­hwe yilo mbiko.

UNkk Daphney Chuma weHPCSA, uthe nabo basawubuka lo mbiko bazophawul­a ngawo uma sebewucubu­ngulile .

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa