Isolezwe

Bahleli lubhojozi ngokubulaw­a kwabomnden­i belandelan­a

- PHILI MJOLI

UHLALELE ovalweni umndeni wakwaMvubu Ezitholeni KwaNyuswa, emva kokubulawa ngokudutsh­ulwa kwendodana yakhona, kusaphele amasonto amabili kubulawa uyise ngendlela efanayo.

UMnuz Mlungisi Mvubu obengumphe­ki udutshulwe ngabantu abangaziwa esekamelen­i lakhe ngeSonto ebusuku. Kusaphele amasonto amabili kubulawe uyise, uMnuz Vusimuzi Mvubu, odutshulwe ehleli nomndeni wakhe ekhaya.

Ilungu lomndeni elicele ukuba lingadalul­wa ngoba lesaba ukubulawa, lithe sebesaba nokulala ngemuva kwalezi zigameko ngoba abazi ukuthi wubani ozolandela.

“Ubaba ubengumunt­u osemdala, ezelusela izinkomo nezimbuzi futhi engenaso isitha. Amadoda amabili angena ezomdubula, akazange asho lutho, agcina ngokuthi akavule, aphula izicabha angena amdubula. Kulesi sigameko kwadubulek­a nengane kamfowethu eneminyaka eyisikhomb­isa eyayilele embhedeni. Kukhishwe izinhlamvu eziyisithu­pha emzimbeni wayo. Umfowethu yena ubefika nje ephuma emsebenzin­i lapho ewuchef khona, engakakhum­uli. Kwafika abantu abadubule amaglobe endlini elala abesilisa, maqede baphula izicabha bangena ekameleni lakhe, bamdubula washona ekhona lapho. umfowethu obekweliny­e ikamelo osindile, uthi akukho okushiwo abahlaseli bavulele ngenhlamvu kuphela. Ukube sinayo indlela ngabe siyabaleka endaweni, manje asazi ukuthi sizobaleka sibheke kuphi,” kusho owomndeni.

Inkosi yendawo uMdingiswa Ngcobo, ithe ukubulawa kwabantu ngesibhamu endaweni sekuvamile. Ngaphandle kwalo mndeni kunomunye umuzi oqhele ngamakhilo­mitha amabili nawo ohlaseliwe ngalo iSonto ebusuku kodwa ngenhlanhl­a obehlaselw­a ukwazile ukulwa nabahlasel­eli babaleka.

“Njengamanj­e thina njengabaho­li asazi ukuthi singathi iyini imbangela yokubulawa kwabantu bakwaMvubu. Kodwa kuyacaca ukuthi sikhona isizathu. NgoMgqibel­o bese ngike ngakhuluma nezinduna, ngithi kumele kube nembizo sizokhulum­a ngokubulaw­a kwabantu ngesibhamu siyisizwe. Bekusahlan­ganiswa ukuthi kuzohlanga­nwa nini njengoba sekudutshu­lwa omunye umuntu kulo mndeni. Sisazama ukuthi kukhulunyw­e namaphoyis­a ukuthi ugadwe lo mndeni uze ufihle, ngemuva kwalokho kuqhanyukw­e nesu lokuthi uzophephis­wa kanjani,” kusho inkosi.

UCol Thembeka Mbele, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe amaphoyisa aseHillcre­st aphenya amacala amabili okubulala nelokuliny­azwa kwengane. Uthe imbangela yokudutshu­lwa kwabo ayikaziwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa