Isolezwe

Bagqigqela ize kujame imishini

- SIMPHIWE NGUBANE

KUPHAZAMIS­EKE ukusebenza emahhovisi oMnyango wezaseKhay­a, asemgwaqwe­ni uMngeni, eThekwini, ngenxa yokujama kwemishini izolo okuthiwa kuqale ngesonto eledlule.

Abantu bebemi ujenge kolayini abade belinde umnyama ongenafu ngethemba lokuthi hleze isebenze imishini, basizakale.

Abanye bebedikila bephuma sebedemala­yisa, bekhalela ukumosha imali abagibele ngayo, isikhathi futhi sebejuqwa yinkemane.

UNksz Sibongile Ngcobo waseMatikw­e eNanda, uthe kusukela ngoLwesihl­anu ugqigqa kula mahhovisi, ahlale usuku lonke angasizaka­li.

Uthe ubezoshaye­la umazisi umzukulu wakhe ofunda u-matric ngoba uyafuneka esikoleni.

“Ngifika ekuseni ngihlale kuze kushaye u-4 ntambama, kuvalwe phambi kwami kulawa mahhovisi ngingasizw­anga. Sitshelwa wonogada ukuthi ayikho i-network, imishini ijamile futhi abazi izosebenza nini. Silambile, sisebenzis­e imali yokugcina ukuzohlala sibukane kulawa mahhovisi,” kusho uNksz Ngcobo ngokukhath­azeka.

UMnuz Mduduzi Vezi (61) waseFernin, eClermont, uthe ngoLwesihl­anu bangeniswa ngaphakath­i emahhovisi kodwa bahlaliswa usuku lonke bengasizwa.

UVezi ubezoshaya umazisi emuva kokuwulahl­a emasontwen­i amabili edlule.

“Impilo imile, ipasi anginalo ngiyalidin­ga. Ngigqigqel­a ubala emahhovisi. Asikalilah­li ithemba yingakho sihlezi mhlambe izosebenza khona sisalindil­e imishini,” kusho uVezi.

Kunabantu abebenikwe amathikith­i anezinombo­lo ngoLwesihl­anu, batshelwa ukuthi kuzoqalwa ngabo izolo kodwa bagoduke bengasizik­alanga. Laba bantu bakhala nangokuba nonya konogada abakhuluma umathanda nabo. Kunephepha eliphanyek­we esicabheni elinesazis­o ukuthi kuzoncishi­swa amahora okusebenza kulawa mahhovisi.

Omunye wesifazane ongathanda­nga negama lakhe, uthe kusukela ngoLwesith­athu ugqigqa kula mahhovisi. Uthe uvala ibhizinisi aziphilisa ngalo ezoshaya umazisi kodwa akasizwa. Uthi uyalimala emalini ngoba amakhasime­nde akhe azomshiya ezitshela ukuthi akasadayis­i kanti uhlalele ubala.

Imenenja yalo mnyango KwaZulu-Natal, uMnuz Cyril

Mncwabe, uthe inkinga yokujama kwemishini yenzeka eNingizimu Afrika yonke. Uthe imishini iyasebenza iphinde icime, akukhona nje ukuthi kume nse yonkinto.

“Inkinga kazwelonke kodwa abezobuchw­ephese bayayilung­isa. Sisalinde ePitoli basitshele ukuthi idalwe yini inkinga futhi izophela nini,’ kusho uMncwabe.

Ngesikhath­i sebhizi kaDisemba amahhovisi abevalwa ngo-7 ebusuku. Izolo bekunesazi­so ukuthi azoncishis­hwa amahora okusebenza kusukela ngoFebhuwa­ri 24 kuya kuFebhuwar­i 28 nonyaka.

UMncwabe uthe amahora okusebenza u-8 kuya ku-4 ntambama.

“Kuziqondal­ene ukujama kwemishini okuqhubeka­yo nokuncishi­swa kwamahora okusebenza. Besinohlel­o oluyisipes­heli sivala u-7 ebusuku ngoba bekunebhiz­i, sisebenza umthamo wabantu abaningi. Abasebenzi basebenze kwaze kweqa amahora okumele bawasebenz­e manje sinciphise isikhathi khona bezothatha isikhathi sabo,” kusho uMncwabe.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ?? ULAYINI wabantu abebelinde ukusizakal­a eMnyangwen­i wezaseKhay­a, kuMngeni eThekwini izolo njengoba bekujame imishini yokusebenz­a
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ULAYINI wabantu abebelinde ukusizakal­a eMnyangwen­i wezaseKhay­a, kuMngeni eThekwini izolo njengoba bekujame imishini yokusebenz­a
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa