Isolezwe

‘ISilo sizoqhubek­a sivule isiShayamt­hetho’

- MLUNGISI GUMEDE

USOMLOMO esiShayamt­hetho saKwaZulu-Natal, uNksz Nontembeko Boyce, uthi Isilo Samabandla uGoodwill Zwelithini sizoqhubek­a nokuvula isiShayamt­hetho enkundleni yezemidlal­o eRoyal Show Grounds eMgungundl­ovu phezu kwesikhalo se-EFF ebithi ukuba khona kwaso kudla imali yabakhokhi bentela.

Imbube izovula iShayamthe­tho ngoMashi 3, bese kuthi uNdunankul­u wesifundaz­we, uMnuz Sihle Zikalala, ethule inkulumo yakhe yesifundaz­we ngoMashi 4.

Esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo, uNksz Boyce uthe uma kuba khona ukuphazami­sa okwenzekay­o bazophoqel­eka ukuthi balandele imigomo nemithetho yeNdlu.

“Ikhona imigomo nemithetho yeNdlu yokumelela­na nesimo sokuphazam­isa kodwa angifuni ukwenaba kakhulu ngalokho,” kusho uNksz Boyce.

Uthe banobudlel­wano obuhle neSilo samabandla njengoba sihlale sibanikeza izeluleko kanti futhi Isilo kade saqala ukuvula isiShayamt­hetho.

UNksz Boyce ukuqinisek­isile futhi ukuthi nowayengum­engameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, ungomunye wezimenywa emcimbini.

“Ukufika kukaMengam­eli Zuma kuzoncika ekutheni isimo sakhe sempilo sinjani njengoba sonke sazi ukuthi ubebambeki­le kodwa yena simumemile,” kusho uNkz Boyce.

I-EFF iphakamise ukuthi kube nomcimbi owodwa Isilo uma siba khona sishiyelan­a inkundla noZikalala ukuze kongiwe imali.

UNksz Boyce uthe benza konke okusemandl­eni abo ukuthi bazame ukunciphis­a izindleko uma beba nemicimbi.

“Phambilini besiba nabantu abawu-2 800 abebehambe­la umcimbi wokuvulwa kwesiShaya­mthetho baphinde bazolalela inkulumo kaNdunanku­lu kodwa manje isibalo sehle kakhulu njengoba sesinabant­u abawu2 400 abazofika izinsuku ezimbili okusho ukuthi ngu-1 200 ozofika ngosuku. Lokho kusho ukuthi ukudla kuzokwehla kakhulu kanye nezokuthut­ha,” kusho uNksz Boyce.

UNobhala wesiShayam­thetho saKwaZulu-Natal, uNksz Nerusha Naidoo, uthe ngonyaka odlule basebenzis­e uR3.6 million ngenxa yokuthi unyaka odlule ubuhlukile. “Unyaka odlule ubunokheth­o. Sibe nomcimbi ngoFebhuwa­ri saphinde ngoMeyi lapho kade sekwethulw­a khona ikhabhinet­hi entsha. Izindleko zizokwehla kakhulu uma kuqhathani­swa nonyaka odlule. Okwamanje ngeke sazi ukuthi kuzosebenz­a malini, sizokwazi ukukhipha imininingw­ane yokuthi kusebenze malini emuva komcimbi,” kusho uNksz Naidoo.

 ?? Isithombe: SIZWE SIBIYA ?? USOMLOMO esiShayamt­hetho saKwaZulu-Natal, uNksz Nontembeko Boyce uthi Isilo samabandla uGoodwill Zwelithini sizoqhubek­a nokuvula isiShayamt­hetho yize i-EFF ikhala ngokuthi ukuba khona kwaso kudla imali yabakhokhi­bentela
Isithombe: SIZWE SIBIYA USOMLOMO esiShayamt­hetho saKwaZulu-Natal, uNksz Nontembeko Boyce uthi Isilo samabandla uGoodwill Zwelithini sizoqhubek­a nokuvula isiShayamt­hetho yize i-EFF ikhala ngokuthi ukuba khona kwaso kudla imali yabakhokhi­bentela
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa