Bakhishwe ngoshova abebebhikisha
BAKHISHWE ngamaphoyisa ngoshova othisha abebebhikisha emahhovisi oMnyango wezeMfundo esifunda saseMgungundlovu izolo ekuseni.
Othisha abawu-50 basesikoleni iSweetwaters Primary, eMgungundlovu, nozakwabo bakwezinye izikole abebezobeseka, bahambise incwadi enohlu lwezikhalo eqhulwini kunodaba lukathishomkhulu abangamfuni.
Othisha kuthiwa bangene ngaphakathi emahhovisi befuna umqondisi nokuthi banakwe bavele bacisha ugesi bacula kakhulu kanti bayazithintela.
Kubizwe amaphoyisa afike abakhiphela ngaphandle kwamasango.
Sekuphele amasonto amane othisha abayisikhombisa bakulesi sikole bengalubhadi emsebenzini. Bathi abaphephile kusukela kubuyiswe uthishomkhulu abangamfuni obeyiswe kwesinye isikole eyothola uqeqesho olwanele ngokuphatha.
Othisha abebengayi emsebenzini sebenikwe izincwadi wumnyango ezibabeka icala lokulova.
Omunye wothisha obesembhikishweni, ocele ukungadalulwa, usole umnyango ngokuzishaya indiva izikhalo zabo.
“Uthishomkhulu wayemiselwe ukuhlukumeza othisha, ukuchema, inkohlakalo futhi ephatha isibhamu esikoleni. Savula necala emaphoyiseni.
“Wayiswa kwesinye isikole eyoqeqeshelwa ukuphatha, wasitshela ukuthi sithanda singathandi uzobuya esikoleni nebala kwenzeka. Ubuye ngaphandle kwencazelo yomnyango futhi alubanga khona uphenyo oluzimele ngezinto ezaholela ekumisweni kwakhe esikoleni sethu,” kusho uthisha.
Uthe akufundwa emakilasini othisha abatelekile. Uthishomkhulu wamiswa kwikota yesibili ngo-2019 wabuya ngoJanuwari kuvulwa izikole.
Uthishomkhulu, uMnuz Sifiso Mbanjwa, ucele kukhulunywe nomnyano ngoba yena akukho azokusho ngoba akavumelekile ukuphawula.
Obengusihlalo webhodi elilawula isikole, uMnuz Linda Mgwaba, uthe nakuba elazi ukusuka nokuhlala udaba kodwa ngeke aphawule ngoba ushiye esikoleni ngoJanuwari. Isikole asinaye usihlalo webhodi kusalindwe ukhetho lokukhetha usihlalo omusha.
Unobhala wegatsha leSadtu eSweetwaters, uMnuz Sikhumbuzo Ngubane, uthe bathathe isinqumo sokumisa yonke into ewukufunda nokufundisa ezikoleni ezikwisekethi i-Edendale namhlanje.
UNgubane uthe bafuna umnyango ubalalele uma bekhuluma. Uthe izikole ezinenkinga kakhulu yiSweetwaters Primary, Laduma High neMsimude High.
“Uma sixoxa nomnyango sibizelwa amaphoyisa. Akuzofundwa ezikoleni kwisekethi yase-Edendale namhlanje. Sinxuse othisha ukuthi bafake o-R500 umuntu emunye sithole abameli udaba luvele lufakwe enkantolo,” kusho uNgubane.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe akukho muntu onelungelo lokuvala isikole kume ukufunda nokufundisa kuhlukumezeke abafundi.
UMthethwa uthe othisha bayazi uma benezikhalo kumele kuhlalwe phansi kuxoxwe kungavalwa isikole.
“Imfundo yikusasa lezingane, uma uvala isikole usuke ufaka ingcindezi kubafundi. Umuntu ovala isikole usuke ephaka impi eyibhekise emnyangweni wezemfundo. Lowo usuke ezobhekana nengalo yomthetho,” kusho uMthethwa.