Isolezwe

Izinhlelo zokubhalis­a e-UKZN ziqhubeka kahle

- KHULEKANI MASEKO

ZIQHUBEKE kahle ngaphandle kwezinking­a izinhlelo zokubhalis­a kuzona zonke izikhungo ze-University of KwaZulu-Natal, izolo.

Lokhu kuqiniseki­swe yiPhini Shansela lale nyuvesi uSolwazi Nana Poku esitatimen­deni sakhe esithunyel­we abezinndab­a.

“Sekusele kuphela isikhathi esingaphan­si kwamasonto amabili ukuthi izinhlelo zokubhalis­a zivalwe kodwa inyuvesi isibhalise izitshuden­i ezingu- 95% kanti zingu69% izitshuden­i esezizitho­lile iziqu, esezibhali­sile,” kusho uPoku.

Uthe izibalo zezitshude­ni esezibhali­sile kule sikhathi ziyafana nezibalo zangonyaka odlule zangesikha­thi esifanayo.

Uveze ukuthi yize izibalo zokubhalis­a zihamba kahle kodwa kusenzima ukubhekana nodlame, wukushiswa kwempahla, wukwesabis­a nezinye izigameko zobugebeng­u ezenzeka ezikhungwe­ni zenyuvesi kodwa kuyavela ukuthi yidlanzana labathile elikhombis­a ubudlova nelifuna ukuphoqa iziphathim­andla zenyuvesi ukuthi zenze elikhala ngakho kodwa zona iziphathim­andla esezikubek­e kwacaca ukuthi kulukhuni ukufezeka.

“Kusukela lokhu kuphazamis­eka kuqalile, sesihlanga­ne izikhawu nezitshude­ni, abasebenzi nezinhlaka zomphakath­i ukuthola isisombulu­lo. Sivumelene ngokuthi inyuvesi iyisikhung­o esibalulek­ile ezweni lonke, ngakho noma ngabe yini ethikameza inyuvesi ayiphazami­si nje isifundazw­e kuphela kodwa izwe lonke,” kuqhuba uPoku.

Uthe izinhlaka zobuholi bale nyuvesi zisibhekil­e isimo zasibuka nxazonke zakuqonda ngokujulil­e okukhalelw­a yizitshude­ni. Uthe bazoqhubek­a nokuxoxisa­na nabaholi bezitshude­ni nezinye izinhlaka ezithintek­ayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa