Isolezwe

I-EFF icacisa ngencwadi yokubopha uMalema

- NONTUTHUKO NGUBANE NE-ANA

I-EFF ithi amaphaphu phansi kubalandel­i bayo ngodaba oluthinta incwadi yenkantolo egunyaza ukuthi kuboshwe umholi waleli qembu uMnuz Julius Malema.

Leli qembu esitatimen­deni emuva kokukhishw­a kwale ncwadi yiNkantolo yeMantshi yase-East London izolo, lithe akusho ukuthi amaphoyisa asephume inqina ehamba ethungatha lo mholi ukuze alale ebaliwe.

Le nkantolo ikhiphe le ncwadi emuva kokuba uMalema engafikang­a enkantolo ngecala lokuqhumis­a isibhamu okwenzeka eralini ye-EFF yango-2018 eMdantsane, e-Eastern Cape.

I-EFF yayigubha iminyaka emihlanu yasungulwa ngesikhath­i kwenzeka lesi sigameko eSisa Dukashe Stadium. Unogada wakhe uMnuz Adriaan Snyman naye ubekwe icala elifanayo.

Okhulumela leli qembu uMnuz Vuyani Pambo, uthe lolu daba lwenziwe ihaba njengoba bekuvele kunohlelo nenkantolo ukuthi uMalema ngeke alubhade enkantolo kuze kuba udaba lwakhe luyaqulwa.

Uveze nokuthi egcina ukuvela enkantolo uMalema kwahlelwa nemantshi nomshushis­i ukuba aze abuye enkantolo seliqulwa icala.

Icala lizobuyela enkantolo ngoMeyi 8 nonyaka.

Okhulumela uPhiko lwezokuShu­shisa, iNational Prosecutin­g Authority (NPA), uMnuz Luxolo Tyhali, ekhuluma neSABC uthe kube nohlelo phakathi kwabameli bakaMalema nabashushi­si ukuthi uMalema angezi enkantolo.

Uthe wuhlelo nje lwenkantol­o ukuba kukhishwe le ncwadi uma umuntu engekho enkantolo kodwa kulokhu kubekwe umbandela ukuba angaboshwa aze avele enkantolo.

Ummeli kaMalema, uMnuz Ian Levitt, ekhuluma kwi-eNCA, uthe bebebonise­ne nabezokush­ushisa ukuthi uMalema ngeke akwazi ukuya enkantolo ngenxa yodaba oluthinta ukuphepha kwakhe.

UMalema kwiTwitter yakhe uzibhalele ukuthi umatasa upheka inyama yembuzi.

 ??  ?? JULIUS MALEMA
JULIUS MALEMA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa