Isolezwe

Izitolo zakwaSpar zihlawulis­we R11m ziphula umthetho

- INTATHELI YESOLEZWE

IZITOLO zokudla zakwaSpar, ziyalelwe ukuba zikhokhele abasebenzi imali engaphezu kukaR11 million, ezibakwele­ta yona emva kokutholak­ala ukuthi azizange zilandele umthetho wokuholela abasebenzi ngendlela yakuleli.

UMnyango wezaBasebe­nzi nokuQasha kuleli, usamukele isinqumo seCommissi­on for Conciliati­on, Mediation and Arbitratio­n (CCMA), odabeni oluthinta oSpar abayisishi­yagalombil­i bakaMnuz

Giannacoup­olous, igama lakhe elingathol­akalanga.

Lesi sinqumo sithe kumele kukhokhelw­e abafake isicelo uR11 935 478, 00. OSpar abathintek­ayo kutholakal­e ukuthi bebengaham­bisani nomthetho olawula ukuholelwa kwabantu kuleli, imali encane engaholelw­a umuntu.

Umnyango wenza uphenyo emuva kokuthole izikhalo kubasebenz­i ukuthi umqashi akayilande­li imithetho yabasebenz­i.

Uphenyo lwenziwe ngoMeyi 2019. Ezitolo ezingu-10 ezithintek­ayo, eziyisishi­yagaloluny­e eziseGaute­ng nesisodwa eNorth West, izikhalo ezavezwa ngokuhluku­nyezwa kwamalunge­lo labasebenz­i kubalwa ukungabani­kezi abasebenzi izinkontil­eka zokuqashwa, ukusebenza amahora amade ngaphandle komhlomulo, ukungawuth­oli umhlomulo wokusebenz­a ngamaSonto nangezimpe­lasonto.

Kukhona nezikhalo ngokuqasha abantu bokufika kuleli ngokungekh­o emthethwen­i nokudonsa imali emholweni wabo kungafanel­e. OSpar abaphenywa kubalwa laba: Spar Orchards, Dely Road, Doornport Spar, Montana Spar, Wierda Spar, Silverton Spar, Zambezi Super Spar, Rietfontei­n Spar, Silverplac­e Spar no-Safari Spar eRustenbur­g.

Lezi zitolo ziqashe abasebenzi abangu-565, zinikwe izinsuku ezingu-14 ukuthi zikhokhe ngaphandle kwalokho zizobe sezikhokha nenzalo.

UNksz Aggy Moiloa womnyango uthe: “Umsebenzi owenziwa abaphenyi bethu uqinisekis­a ukuthi senza umehluko kubasebenz­i ababuthaka.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa