Isolezwe

Inkohlakal­o izoba wumgoqo ovimbile kuMboweni

-

YIZE kulindelek­e ukuthi uNgqongqos­he wezeziMali, uMnuz Tito Mboweni, ajabulise wonke umuntu uma esethula isabelomal­i ePhalamend­e kusasa kodwa iqiniso wukuthi akusiye wonke umuntu ozochazeka ngenkulumo yakhe. Eqhulwini lezizathu zalokhu wumnotho wezwe ongakhuli ngendlela okulindele­ke ngayo.

Amazwe amaningi esesimeni esifanayo ngenxa yezizathu ezahlukene kodwa kuleli inunu enkulu eyenza kungayeki phambili yinkohlaka­lo.

Ubufakazi benkohlaka­lo, wukudonsa kanzima kwezinkamp­ani zikahulume­ni okubalwa kuzo i-Eskom, SAA, Post Office, Transnet nezinye.

Ziningi izibonelo zokungapha­thwa ngendlela kwemali ezinkampan­ini zikahulume­ni njengesivu­melwano sezigidi se-Eskom neTegeta esinqanyul­we yiSIU enkantolo ngeledlule.

Esinye isibonelo wumbiko wezimali weSAA oyihlazo, osekunzima ukuba unekelwe umphakathi.

Zonke lezi zinkinga sezijike zaba nesandla ekucindeze­leni umnotho ukuthi ukhule ngendlela elindeleki­le.

Okunye, uhulumeni uzandisele umthwalo ngemfundo yamahhala njengoba kunobuhixi­hixi obuningi ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

Yingakho ongoti bezomnotho bevumelana ngokuthi uMboweni uzokwenza impilo ibe nzima kakhulu kubantu ezweni. Izazi zithi naye uzokube engazenzi kodwa ezama ukugwema ukuthi izinkampan­i ezihlola umnotho wamazwe zingafaki izwe kwinzikamn­otho.

Ngenxa yalokhu, kubhekwe ukuthi amemezele ukunyusa imali efakwa uma uthenga impahla - iVAT ngo-1%.

Kuthiwa ungqongqos­he unezinto ezintathu angazenza – ukunyusa intela yabantu, eyamabhizi­nisi neVAT.

Ngakolunye uhlangothi izinyunyan­a seziqalile ukumgquza ngokuthi angalokoth­i adlalele kwiVAT. Zithi abantu bavele bathwele kanzima njengoba kuhlale kucishwa ugesi ngenhloso yokuwonga.

Okunye okuthanda ukuba wumnqansa wukuthi enyuse intela yezinkampa­ni njengoba uhulumeni esabheke ukudoba abatshalim­ali bakwamanye amazwe.

Ekugcineni, okumqoka okubhekwe kakhulu wukuthi njengoba kuhlale kushunyaye­lwa ivangeli lokuthi makongiwe imali - kungaba kuhle ukuthi lokho kuvele nakwisabel­omali.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa