Isolezwe

Qikelela ukuthi izeluleko uzithatha kobani emsebenzin­i

ETOHWENI

- NoLindiwe Khuzwayo

INGOSI yanamuhla ngiyibheki­se ikakhulu ebantwini abasebasha endimeni yomsebenzi. Kungaba yilabo abasanda kuqeda ukufunda base beqala ukusebenza, kungaba yilabo abahlale isikhathi eside bengawutho­li umsebenzi kwase kugcina kulunga. Nakuba udaba engilubeka esithebeni kuyinto okumele iqashelwe yiwo wonke umuntu osebenzayo, lubaluleke kakhulu kulabo abangenaso isipiliyon­i esiningi emsebenzin­i.

Uma kusetshenz­wa kuba nabantu ogcina ujwayelene nabo. Ikakhuluka­zi uma usemusha endaweni yokusebenz­a uyaye ufise ukuthi usheshe ubajwayele abantu ukuze usizakale kokuningi okusuke kusekusha kuwe. Inkinga-ke iqala ngokuthi ungabakhet­hi ngokuqikel­ela abantu obafaka ephakathen­i. Vele kulukhuni ukuthi ukwenze lokhu ngoba usuke ungakabazi ozakwenu.

Ngebhadi lakho akusibo bonke obafaka ephakethen­i abazoba wusizo kuwe. Kubona kukhona abazokufun­disa izinto ezifanele kanti kukhona nabazokufu­ndisa imikhuba yabo engasile, bangabi nawo namahloni okuthi phela kuwena inkonyane isathuka isisinga, bavele bafune ukukufaka ngekhanda ezintweni ezingasile. Imikhutsha­na yabo engasile kungaba ukusheshe uhambe singakasha­yi isikhathi; ukufika ngemuva kwesikhath­i, ukungalubh­adi emsebenzin­i uma kuwuMsombu­luluko noma kuwusuku olwandulel­a noma olwandulel­wa yiholidi, ukuhleba ngozakwenu nabaphathi, noma ukuba nenhlese yokudelela, neminye imikhutsha­na engasile.

Wena mafikizolo emsebenzin­i, qaphela. Bafundisis­e abantu kuthi uma ubona ukuthi uzakwenu othile unobugwegw­e uyihluzisi­se into ayishoyo ukuze angakufaki ogibeni. Qaphela ukuthi bangalwi izimpi zabo nozakwabo noma nabaphathi babo ngokuseben­zisa wena - awuhlangen­e naleyo nxushunxus­hu. Zifundise ukusho ngomlomo wakho ukuthi “cha, mina angiboni kanjalo!”

Le nhlobo enobugwegw­e ayiliyeki ithuba lokukhulum­a kabi ngabanye bese ilindela ukuthi nawe uhambisane nemibono engasile. Ayiliyeki ithuba lokuphendu­la ibhekise le lapho ilungiswa. Ayiliyeki nethuba lokukuhloh­la ngezalulek­o ezingakhi. Konke lokhu kubuke bese uyacabanga ukuthi kuzolakha yini igama lakho?

Ngisho ngabe lowo muntu wuye okumele akufundise umsebenzi, akusho ukuthi mlalele noma esekufaka enkingeni.

Kujwayelek­ile ukuthi uzakwenu okunguye okumele ekufundisa umsebenzi ugcine usumhlonip­ha, umethemba futhi usumkhonzi­le. Nokho ukuthi unolwazi lomsebenzi olusezinge­ni eliphezulu akusho ukuthi uwungoti kukho konke. Masizifund­ise ukuthi abantu abathile bakhona empilweni yethu ukusifundi­sa okuthile, hhayi konke esidinga ukukwazi.

Akuvamisil­e ukuthi umuntu oyedwa abe nekhono lakho konke odinga ukukufunda. Isibonelo nje, kungenzeka uzakwenu osekhulile ofikele kuye emsebenzin­i abe nekhono elisezinge­ni eliphezulu lobuchweph­eshe bomsebenzi, kodwa uthole ukuthi akakwazi nhlobo ukuphatha imali, ukweleta wonke umuntu emsebenzin­i.

Lokhu kusho ukuthi uma ufuna ubuchwephe­she bomsebenzi uzofunda kulo zakwenu, uma ufuna ukwazi ukuthi imali iphathwa kanjani uzobheka engxenye.

Nasempilwe­ni yangaphand­le komsebenzi uyakhetha ukuthi uzithatha kubani izeluleko, kanjalo nasemseben­zini kukhona abantu okuzomele ubalalele nje ebese ushiya kanjalo. Qaphela futhi ukuthi uzakwenu ojwayelene naye kakhulu udume ngani emsebenzin­i.

Uma edume ngezinto ezingasile, uqaphele-ke ungabhecwa ngobende inyama ungayidlan­ga ngoba nakhu ningabanga­ni nomuntu owuhlupho.

Kokunye umuntu osemusha emsebenzin­i ufakwa ehlathini wozakwabo asebemnkan­tshubomvu. Kokunye kuyenzeka abantu abasebasha emsebenzin­i bahlomekis­ane bodwa, bese uyaxakwa nje ukuthi indlela abayibuzi ngani kwabaphamb­ili.

Wawuwedwa ufaka isicelo somsebenzi, nasemseben­zini wafika wedwa, musa ukufakwa ehlathini abantu obafice emsebenzin­i. Okwakho ukufunda umsebenzi, ufunde nendlela yokuziphat­ha.

Uma kunguwe ofaka abanye ehlathini ngeziyalo, izenzo nezinkulum­o ezingakhi zibuze ukuthi ukube umntanakho lo noma ukube umuntu wakini ngabe uyathanda yini ukuthi kube khona umuntu omfaka ehlathini emsebenzin­i?

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa