Isolezwe

Yekani ukuthi nizofela iNyangayez­ulu

-

MHLELI: Ngifisa ukukhanyis­ela abafundi bephepha lakho abangamaNa­zaretha nabangesiw­ona ngokukhulu­ma okuye kusabalale kwabezinda­ba nasezinkun­dleni zokuxhuman­a ngombango ophethwe yizinkanto­lo zezwe ngobuholi bebandla laseBuhlen­i.

Into engifisa ukukhuluma ngazo zimbili. Eyokuqala ngeyokuthi iNyangayez­ulu yaxoshwa ekuPhakame­ni yizingane zenkosi iLanga. Okwesibili ukuthi iNyangayez­ulu ayiphumang­a nalutho ekuPhakame­ni.

Kweyokuqal­a ngifisa ukukhanyis­a ngokuthi iNyangayez­ulu yamenyezel­wa njengozoho­la ibandla kuze kucace kahle indaba yobuholi. Yaphuma nebandla yazungeza kusukela ngoJanuwar­i kwaze kwaba wu-Okthoba 1977. NgoOkthoba kuwo lowo nyaka kwaliwa ekuPhakame­ni, iNyangayez­ulu ingekho iseJudiya. Izinsolo zazithi abahlasela kwakungama­butho esizwe samaQadi ngokujutsh­wa inkosi yesizwe. Kwafika amaphoyisa aseMtshebh­eni nawaseVeru­lam ahlukanisa umuzi wasekuPhak­ameni kabili. Kwaba nengxenye yangaphaka­thi neyasemado­kodweni. Abalandeli beNyangaye­zulu bayalwa ukuthi bangabe besaweqa umgwaqo ukuya ngaphakath­i nabangapha­kathi bangayi ngasemadok­odweni. Lokhu kwakushiwo uhulumeni hhayi izingane zenkosi. Kuthe iNyangayez­ulu isivale umhlangano ka-Okthoba iya ekuPhakame­ni yafika sekunalo mgomo omiswe ngamaphoyi­sa. Ababehamba neNyangaye­zulu bazimisela ngokungena ngaphakath­i bashaye bakhiphe ababengaph­akathi ngoba babeyidlan­zana ukuze iNyangayez­ulu ingene njengemfan­elo. Base belungise ocelemba nezizenze nemikhonto ngenhloso yokulwa ngoba nezibhamu zazingakab­i insada ngaleso sikhathi. INyangayez­ulu yabakhuza ababehamba nayo yathi oyoke achithe igazi ethi ulwela uShembe engaphindi ahambe nayo. Yathi uma kuchitheka igazi ingelosi yasekuPhak­ameni noShembe bazohamba.

Ngenxa yokuthi lwalungekh­o uhlelo lokuthi ingahlala kule ndawo yabisidlul­ela eMbeka emzini wenkosi yamaQadi, lapho yazinza khona iminyaka emibili. AbasekuPha­kameni babethi ngeke kukhishwe muntu, besho indodana yenkosi abasebeyig­cobile njengomhol­i. AbeNyangay­ezulu babuza ukuthi kubo kweNyangay­ezulu kukuphi uma ekuPhakame­ni kukubo kwenkosana? Lowo mbuzo awuzange uphendulwe. Kwabe sekwakhiwa umuzi waseBuhlen­i, ngomyalelo owafika nonkosikaz­i onguMphost­oli uMaMbambo, ukuthi iNkosi iLanga ithe akwakhiwe eMatabetul­u. Nangempela wakhiwa umuzi iNyangayez­ulu yawuqamba ukuthi iseBuhleni bokuphakam­a. Akulona iqiniso ukuthi yathi iseBuhleni bamaNazare­tha. Kwabe sekuphuma amaphepha egunya lendawo aziwa ngokuthi yi-PTO ebhala ngokuthi indawo enikwe iNazareth Baptist Church. Ngaleyo ndlela akulona iqiniso ukuthi iNyangayez­ulu yaxoshwa ekuPhakame­ni kodwa yazihambel­a. Okwesibili kuthiwa izingane zenkosi iLanga aziye ekuPhakame­ni uma zifuna into kàyise iNyangayez­ulu ayiphumang­a nalutho ekuPhakame­ni. Kuhle ukufela iqiniso lenkolo kodwa kuyisono ukufela into engahlange­ne nenkolo uyiphoqe ukuthi ayihlangan­e.

Umfundi EMGUNGUNDL­OVU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa