Yekani ukuthi nizofela iNyangayezulu
MHLELI: Ngifisa ukukhanyisela abafundi bephepha lakho abangamaNazaretha nabangesiwona ngokukhuluma okuye kusabalale kwabezindaba nasezinkundleni zokuxhumana ngombango ophethwe yizinkantolo zezwe ngobuholi bebandla laseBuhleni.
Into engifisa ukukhuluma ngazo zimbili. Eyokuqala ngeyokuthi iNyangayezulu yaxoshwa ekuPhakameni yizingane zenkosi iLanga. Okwesibili ukuthi iNyangayezulu ayiphumanga nalutho ekuPhakameni.
Kweyokuqala ngifisa ukukhanyisa ngokuthi iNyangayezulu yamenyezelwa njengozohola ibandla kuze kucace kahle indaba yobuholi. Yaphuma nebandla yazungeza kusukela ngoJanuwari kwaze kwaba wu-Okthoba 1977. NgoOkthoba kuwo lowo nyaka kwaliwa ekuPhakameni, iNyangayezulu ingekho iseJudiya. Izinsolo zazithi abahlasela kwakungamabutho esizwe samaQadi ngokujutshwa inkosi yesizwe. Kwafika amaphoyisa aseMtshebheni nawaseVerulam ahlukanisa umuzi wasekuPhakameni kabili. Kwaba nengxenye yangaphakathi neyasemadokodweni. Abalandeli beNyangayezulu bayalwa ukuthi bangabe besaweqa umgwaqo ukuya ngaphakathi nabangaphakathi bangayi ngasemadokodweni. Lokhu kwakushiwo uhulumeni hhayi izingane zenkosi. Kuthe iNyangayezulu isivale umhlangano ka-Okthoba iya ekuPhakameni yafika sekunalo mgomo omiswe ngamaphoyisa. Ababehamba neNyangayezulu bazimisela ngokungena ngaphakathi bashaye bakhiphe ababengaphakathi ngoba babeyidlanzana ukuze iNyangayezulu ingene njengemfanelo. Base belungise ocelemba nezizenze nemikhonto ngenhloso yokulwa ngoba nezibhamu zazingakabi insada ngaleso sikhathi. INyangayezulu yabakhuza ababehamba nayo yathi oyoke achithe igazi ethi ulwela uShembe engaphindi ahambe nayo. Yathi uma kuchitheka igazi ingelosi yasekuPhakameni noShembe bazohamba.
Ngenxa yokuthi lwalungekho uhlelo lokuthi ingahlala kule ndawo yabisidlulela eMbeka emzini wenkosi yamaQadi, lapho yazinza khona iminyaka emibili. AbasekuPhakameni babethi ngeke kukhishwe muntu, besho indodana yenkosi abasebeyigcobile njengomholi. AbeNyangayezulu babuza ukuthi kubo kweNyangayezulu kukuphi uma ekuPhakameni kukubo kwenkosana? Lowo mbuzo awuzange uphendulwe. Kwabe sekwakhiwa umuzi waseBuhleni, ngomyalelo owafika nonkosikazi onguMphostoli uMaMbambo, ukuthi iNkosi iLanga ithe akwakhiwe eMatabetulu. Nangempela wakhiwa umuzi iNyangayezulu yawuqamba ukuthi iseBuhleni bokuphakama. Akulona iqiniso ukuthi yathi iseBuhleni bamaNazaretha. Kwabe sekuphuma amaphepha egunya lendawo aziwa ngokuthi yi-PTO ebhala ngokuthi indawo enikwe iNazareth Baptist Church. Ngaleyo ndlela akulona iqiniso ukuthi iNyangayezulu yaxoshwa ekuPhakameni kodwa yazihambela. Okwesibili kuthiwa izingane zenkosi iLanga aziye ekuPhakameni uma zifuna into kàyise iNyangayezulu ayiphumanga nalutho ekuPhakameni. Kuhle ukufela iqiniso lenkolo kodwa kuyisono ukufela into engahlangene nenkolo uyiphoqe ukuthi ayihlangane.
Umfundi EMGUNGUNDLOVU