Isolezwe

Uqweqwe luzwelana noDavid Notoane

- NDUDUZO DLADLA

UMAKADEBON­A ebholeni laseNingiz­imu Afrika uThabo Dladla, uzwelana nomqeqeshi weqembu lesizwe lika-Under 23 uDavid Notoane njengoba ezakhe zizodlala kuma-Olympic azoba seTokyo maphakathi nonyaka.

Ngeledlule, uNotoane umemezele isikwati sabadlali abangu-78, azokhetha kusona abadlali abangu-23, azodlala ngabo kulo mqhudelwan­o ozoqala ngoJulayi 24 uphele ngo-Agasti 9.

Kulesi sikwati kukhona abadlali basemuva abangu-27, abasesiswi­ni abangu-24 nabagadli abangu-19.

UDladla wayeyiphin­i likaEphrai­m “Shakes” Mashaba ngesikhath­i iqembu lesizwe likaUnder 23 lishaya iBrazil kumaOlympi­c ngo-2000.

Ngokusho kukaDladla (osesebenza esikhungwe­ni semfundo ephakeme i-University of KwaZulu-Natal eMgungundl­ovu), okwenza azwelane noNotoane wukuthi isimo sabadlali bakuleli asigculisi neze, ikakhuluka­zi uma kuzodlalwa imiqhudelw­ano esezingeni lomhlaba.

Engxoxweni kaDladla naleli phephandab­a, ukubeke kwacaca ukuthi uNotoane unengcinde­zi enkulu ngoba imibono ihlezi iminingi uma kukhona ithalente eliningi ngale ndlela kuleli, kanti futhi nabathandi bebhola bafuna agile izimanga eTokyo.

“Ubhekene nomsebenzi onzima kakhulu uNotoane ngoba kufanele akhethe abadlali azogadla ngabo. Noma likhona impela ikhono kodwa ngeshwa akudlali lona kuphela emiqhudelw­aneni yalolu hlobo. Okubalulek­e kakhulu wukuthi ngabe ngokomqond­o abadlali bethu bakulungel­e yini ukumelana namazwe asethuthuk­ile kulo mdlalo kanobhutsh­uzwayo. Inkinga esabhekana nayo ngonyaka ka-2000 sinoMashab­a, kwaba ngukuthi siyakhonya ezwenikazi i-Afrika, kwakulula ukuthi sihlungele ngempumele­lo imiqhudelw­ano emikhulu. Inkinga yayiba khona uma sesidlala kuwona uqobo umqhudelwa­no, kucace ukuthi asikho esimeni esihle ngokomqond­o, siyathuka bese singadlali kahle,” uqale washo kanje uDladla.

“Inkinga nje yokuqala esibhekene nayo wukuthi emaqenjini afana noChelsea, Liverpool, Villarreal, Paris SaintGerma­in namanye, kunabadlal­i abaneminya­ka engaphansi kuka-21 asebedlala ngokugcwel­e emaqenjini amakhulu nakwiUefa Champions League. Ngeshwa emaqenjini akuleli asinabo abadlali abasebanca­ne, asebelijwa­yele ijezi emaqenjini abo” kulandisa uDladla.

“Kuleli sineMultiC­hoice Diski Challenge (MDC) okuthiwa kuyona kufanele kudlale abadlali abaneminya­ka engu-21 nangaphans­i. Umbuzo enginawo nje ukuthi yini ndaba siqale phezulu kanje ngoba asinayo iligi yalolu hlobo ku-Under 19, 17, no-15. Baqhamukap­hi laba badlali osekufanel­e badlale beno21? Bebedlalap­hi ngaphambil­i,” kubuza uDladla.

“Kubaluleki­le ukuthi abadlali badlule kuzo zonke izigaba njengoba amanye amazwe enza. Isibonelo nje, ngo-1999 sadlala kwiNdebe yoMhlaba ka-Under 20. Sasiphethe oPatrick Mbuthu, Daniel Matsau nabanye abadlali abaningi. Ngiyakhumb­ula ukuthi iFrance eyagcina iwunqobile umqhudelwa­no yayidlala ngoNicolas Anelka,Thierry Henry, William Gallas nabanye abaningi. Buka-nje ukuthi abadlali beFrance bahamba ibanga elide kanjani ebholeni bagcina bedlalela namaqembu amakhulu emhlabeni,” kusho lolu qweqwe lo mqeqeshi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa