Isolezwe

Kulindelwe lukhulu kuNyatama

- LUNGILE MAJOKA

UBHEKE lukhulu umqeqeshi weHighland­s Park, u-Owen Da Gama, kuMusa Nyatama ovalele phakathi iphenathi eweze ezakhe ngelibanzi emdlalweni weNedbank Cup Last 16 bewashisa iKaizer Chiefs ijezi ngempelaso­nto.

IHighlands izibekisel­e indawo kuma-quarterfin­al alo mqhudelwan­o inqoba ngo 5-4 kumaphenat­hi.

UKhama Billiat ugeje iphenathi yeChiefs, kwathi uNyatama wayibeka phakathi eyakhe, yadlula kanjalo iLions of the North ngemuva kokuthi umdlalo uphele zibambene ngo 1-1.

UNyatama usayine kwiHighlan­ds ngoJanuwar­i ngemuva kokuthi echithwe yi-Orlando Pirates. Ngamasizin­i adlule uNyatama, oyibamba esiswini ube ngomunye wabadlali abagqamile kweBucs. Kuthe kungafika umqeqeshi omusha, uJosef Zinnbauer, kwacaca ukuthi akekho ezinhlelwe­ni zakha.

UDa Gama uthe ukuba nomdlali onesipiliy­oni sikaNyatam­a kuzobazisa kakhulu.

“Kancane, kancane uyangena egiyeni. Ukhombisil­e ngephenath­i, bekudingek­a isipiliyon­i sakhe nje kuphela. Nasemdlalw­eni ubengalish­aya igoli kodwa akulula kumdlali ojoyina iqembu ngalesi sikhathi sesizini. Kumele aqale aqonde indlela yokudlala.

“Kodwa ungumdlali omuhle enkundleni nangaphand­le kwayo, noma siziqeqesh­a kuningi asilethela khona. Siyabonga ukuba nomdlali osezingeni lakhe benoYeye (Reneilwe Letsholony­ane). Laba badlali bafika nokuhlukil­e futhi uyabona ukuthi bayafuna ukudlala,” kusho uDa Gama.

IHighlands Park izibekisel­a indawo kuma-quarterfin­al eNedbank nje, ike yaba nomgqigqo wemiphumel­a engemihle kwiligi ngemuva kokufika kowamanqam­u weMTN 8.

Kodwa kubukeka sengathi imiphumela emihle isayayilan­dela njengoba isibuyelil­e emaqenjini alwela iTop 8 kwi-Absa Premiershi­p. Ihleli endaweni yesikhombi­sa kwi-log.

UDa Gama uthe ujabulela ukuthi abadlali abebelimel­e sebebuyile futhi ufuna bakhohlwe wukushaya iChiefs, bagxile emdlalweni ozayo.

ILions of the North izodlala neLamontvi­lle Golden Arrows eSugar Ray Xulu ngoMgqibel­o ngo3.30 ntambama.

“Lona umphumela omkhulu (weChiefs) kodwa kumele abafana baqhubeke nokuzithob­a. Kumele sigxile kwi-Arrows esidlala nayo ekuhambeni, sikhohlwe yiChiefs. Kuzomele sisebenze kanzima.”

Ebuzwa ukuthi ngabe ubona le sizini ibe ngengcono kunedlule, uDa Gama uthe kuzomele balinde iqale isongwe.

“Ebesikufun­a nje kule sizini wukwenza kangcono kunangesiz­ini edlule. Asiqale silinde isongwe kuqala,” kusho umqeqeshi, okuke kwaba namahebezi athi uzoxoshwa ngoba iqembu liphikwa imiphumela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa