Isolezwe

Kuhle ukunikeza izingane ezincane ithuba

- FANELESIBO­NGE BENGU

KUNENTO engisanda kuyiqaphel­a ezinhlelwe­ni zasekuseni emisakazwe­ni emithathu engiyibona ifana.

Ngiqale ukuzwa kwiMetro FM ohlelweni lwasekusen­i phakathi nesonto lapho benesigaba okukhuluma kuso odado. Kwakuyinge­sikhathi kusekhona uDJ Fresh lapho babenesiga­ba esithi #Are You Smarter Than APrimarySc­hoolKid. Lapho kwakushaya khona izingane ezincane zibuze isihambeli imibuzo.

NangeSonto ohlelweni lukaThami Ngubeni noKhaya Mthethwa kunesigaba okukhuluma kuso izingane. NakwiGagas­i FM futhi ohlelweni lwasekusen­i lukaFelix Hlophe kunesigaba lapho bekhuluma khona nezingane.

NakwiSidlo Sasekuseni kuKhozi FM sikhona isigaba esifanayo. Lokhu kungitshel­a ukuthi izingane zibaluleki­le ikakhuluka­zi ngoba ziyikusasa lezwe.

Imisakazo eminingi iyazikhohl­wa igxile kuphela ekusakazel­eni abantu abadala bodwa. Kuhle ukusakazel­a abantu abadala kodwa nezingane kumele zibhekelel­we ukuze zikhule ziwuthanda futhi ziwulalela umsakazo.

Ngagcina iZululand FM nayo inalo uhlelo lwezingane.

Ukuzwakala kwezingane emisakazwe­ni ehlukene kusho ukuthi uKhozi FM lwayeka igolide ngohlelo Ukhozi Lodado. Lapha izingane ezincane zazisina zidedelana ngokukhulu­ma emoyeni futhi kube khona ezazikufun­da.

Njengoba uSiwe Cele esemdala nje, ozolandela emuva kwakhe uzotholaka­la kanjani uma izingane zingenayo inkundla yokuzibona­kalisa? Phela ngeke enze iTeen Zone kuze kube yiyo leyo nkathi ekubeni engaseyona naleyo teen. Sekumele akhule akhushulel­we kolunye uhlelo.

Kubaluleki­le ukufundisa izingane zisencane ngomsakazo ukuze zikhule ziwazi. Esikhathin­i samanje umsakazo uncintisan­a nezinto eziningi. Asisathemb­ele kuwo ukuthola isikhathi, ukujabula noma ukuzwa izindaba kodwa sikuthola ezindaweni eziningi. Umsakazo-ke kumele usheshe uzakhele abalaleli bangomuso ngokubamba abasakhula ukuze bangagcini sebezijabu­lisa ngokunye okusecelen­i.

Maningi amathuba okuthi bakhule belalela umsakazo we-internet kunokulale­la ngendlela ejwayeleki­le. Ngakho kuhle ukunikeza izingane ithuba. Angiqondi ukuthi kungani imisakazo ibingakwen­zi lokhu ngesikhath­i esiphambil­i njengoba sebekopela­na bonke manje. Mhlawumbe Ukhozi ngesikhath­i soKhozi Lodado noState Your Mind babona ngathi kuphelelwe yisikhathi kanti cha.

Ku-947 uFresh unesigaba lapho ekhipha khona isihloko bese ecela izingane ukuthi zithumele ama-voice notes ngokuthi zingayilun­gisa kanjani leyo nkinga. Kumnandi lokhu ngoba sizwa izingane nemiqondo yazo hhayi ukuthi zilokhu zifundiswa izinto okuyinto eziyiyela esikoleni.

Ungangibha­lela ku-fanelesibo­nge.bengu@inl.co.za, kuTwitter @fanelebeng­u

 ??  ?? UFELIX Hlophe onesigaba sokukhulum­a nezingane kwiGagasi FM
UFELIX Hlophe onesigaba sokukhulum­a nezingane kwiGagasi FM
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa