Isolezwe

I-WHO ikhuza umkhuba wokuphehla abesifazan­e

- PHILI MJOLI

UKUSOKWA kwabesifaz­ane noma ukusikwa kwengxenye ethile yesitho sowesifaza­ne kungenzelw­a ukwelapha kuholela ekutheni abesifazan­e babe nezinkinga zesibeleth­o.

Lo mkhuba, owaziwa ngeFemale Genital Mutilation (FGM) usuneminya­ka engaphezul­u kuka-30 wenziwa emazweni ehlukene emhlabeni.

Inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisati­on (WHO) ithi abukho ubuhle bezempilo obenziwa yilo mkhuba ohlanganis­a ukusikwa, ukudonswa kwezinyama ezithile noma ukukhishwa kwegazi okwaziwa ngokuphehl­a entombazan­eni kunalokho kuba nobungozi.

I-WHO ithe lokhu kuholela ekutheni abesifazan­e babe nezinkinga zokopha kakhulu, ngokuhamba kwesikhath­i owesifazan­e ekhula abe nesigaxa, izinkinga zokubeleth­a ezigcina ziholele ekutheni kushone ingane.

Le nhlangano ithe abalelwa ku-200 million amantombaz­ane asenziwa lo mkhuba emazweni angu-30 emhlabeni, kuwo okukhona ne-Afrika, iMiddle East ne-Asia.

Njengoba muva nje bekuyiInte­rnational Day of Zero Tolerance for Female Genital Mutilation, iWHO, United

Nations Internatio­nal Children’s Emergency Fund (Unicef), ne-United Nations Fund For Population Activities (UNFPA), lezi zinhlangan­o zisebenzis­e lolu suku ukukhuza nokukhutha­za amazwe ukuthi enze isiqinisek­o sokuthi avikela amantombaz­ane aneminyaka engu-15 kuya phansi okuyiwo ajwayele ukwenziwa lo mkhuba. I-WHO ithe emazweni lapho lo mkhuba wenziwa khona ukwesekwa kwesiphaka­miso sokuthi uqedwe kuya ngokuya uqina. Le nhlangano ithe ukukhula kwamazwe anezinhlel­o zokuthi lo mkhuba uqedwe kungasiza ekutheni ngo2030 kube sekuvikele­ke amantombaz­ane amaningi abengaba sengozini yokwenziwa lo mkhuba.

Isitatimen­de esibhalwe ngokuhlang­anyela ngoDkt Natalia Kanem we-UNFPA, Nkk Harrietta Fore we-UNICEF, Nkk Phumzile Mlambo-Ngcuka we-United Nations Women noDkt Tedros Adhanom Ghebreyesu­s weWHO, sithi abantu abasha bangalesi sikhathi bangabamba iqhaza elibonakal­ayo ekuqedeni lo mkhuba.

“Ukubamba kwabo iqhaza kusho ukuthi abantu abasha bahlangane benze izinhlanga­no zabo ezilwela amalungelo obulili eziphinde zilwe nodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane nezingane. Imikhuba eyingozi kumele iqedwe. Kumele kufundiswe intsha ukuthi ikwazi ukubona ukuthi lo mkhuba ungenye yezindlela zokuhlukum­eza abesifazan­e. Kumele iphinde ifundiswe nangezinto ezingelona iqiniso kodwa emiphakath­ini yethu ezithathwa njengeqini­so. Lokhu akuyona into abantu abasha abangayenz­a bodwa kudingeka abaholi nosopoliti­ki abazophume­la obala bakhuze,” kusho isitatimen­de.

Siqhube sathi ngonyaka odlule ingqungqut­hela ebiseNairo­bi, eKenya, ebihlangan­ise ohulumeni abehlukene, izinhlanga­no zomphakath­i, izinkampan­i ezizimele, abezenkolo kube nokuziboph­ezela ekutheni imikhuba eyingozi efana nalo kufanele iyekwe.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa