Isolezwe

Kuneminjun­ju yezicubu engabekeze­leki kumuntu

-

UMA ungakaze uhlukunyez­we yizicubu eziqaqamba ngendlela engabekeze­leleki, ubathe uyazazi buthi ngilapha ubuhlungu; ngiyakubon­gela futhi mbonge Ongaphezuk­onke njalo nje. Ngikhuluma ngobuhlung­u osuke ubuzwa ukuthi abukho ethanjeni, busesicuts­hini nje kuphela, siyagwaza, siyashisa, imibani yezinhlung­u iza ilakanyana.

Kulezi zinsuku sande kakhulu isibalo sabantu bakithi abaphethwe yilolu hlobo lwezinhlun­gu, abanye sebeze bayehlulek­a nokuzihamb­ela ngezinyawo zabo, kunzima kakhulu nokusebenz­a.

Izicubu ziyingxeny­e yomzimba, yizona ezimbathis­e amathambo. Indlela isicubu esizwela ngayo izinhlungu kuya ngokuthi yiluphi uhlobo lwesicubu, uyini umsebenzi wesicubu leso, yimiphi imizwa elawula lesi sicubu nokuthi omakhelwan­e balesi sicubu bangobani. Okubalulek­ile nakakhulu wukuthi imbangela yalobu buhlungu iyini. Ngamanye amazwi uyini umsuka?

Ake sithathe nje ubuhlungu obujwayela ukubelesel­a ehlombe, kungaba ngelosokud­la noma yisinxele. Lobu buhlungu bugwaza lapho kuhlangana khona ihlombe nengalo sengathi yintshumen­tshu, izinhlungu zehle nengalo ziye endololwan­eni kube ngathi kunembobo eyakhele khona, zigijime njalo ziyovithiz­a isandla esihlakale­ni nangemuva kwaso.

Kokunye lezi zinhlungu zivele zikhethe indawana lapha esihlakale­ni ezansi nesithumph­a, kokunye ubuhlungu bube ngathi bubhoboza ingxenye yengalo engenhla, phakathi nayo lapha ngasehlomb­e.

Ubuhlungu lobu buyakwazi ukugijima nehlombe buye entanyeni, emuva kwendlebe kuze kunkenketh­e phakathi kuyo indlebe, usuyozwa ngathi kunomsinjw­ana endlebeni.

Le micibishol­o iyakwazi ukugudla izinhlafun­o ize iyofika ekhanda, alikuphath­i linani ikhanda?

Ngiyaphind­a ngiyagcize­lela ukuthi okubalulek­ile lapha wukufuna isiphetho salokhu kugula kwelashwe umsuka, hhayi ukuthithib­alisa izimpawu nje kuphela.

Sisehlombe nje mangikhohl­wa ngubuhlung­u obugudla isiphanga emachoshen­i aso, lobu-ke bona buyathanda ukujikelez­a ngezimbamb­o buze ngaphambil­i ungathi yibhande, kwabesifaz­ane buze buyogwaza ngaphansi kwamabele.

Njengoba sibona lapha, kuyacaca bha ukuthi buningi ubuhlungu obuzitikay­o lapha kithi esiyaye sibuhlanga­nise konke, sithi yizibhobo, singabe sisayifuna imbangela yazo.

Angingabus­hiyi ngaphandle ubuhlungu obokubamba ngemuva esehlulamp­isi, behle njalo ngomgogodl­a kube ngathi kuyashisa, kuthi thelwa ngamanzi, kwabanye baye bafise ukushaywa ngezibhake­la ngemuva phakathi kweziphang­a.

Kuba sengathi izinhlansi ezisakazek­ayo uma usumbambat­hwa ngasemuva. Angikwazi ukungayith­inti iminjunju eba lapha ethanjeni eliyisiphe­kepheke lesinqe elikhona nhlangothi zombili.

Ubuhlungu baleli thanjana buhambisan­a nezihlungu ezisuka eduze komgogodla, ngapha nangapha kwawo, kube ngathi kunezimbob­o ezimbiwe ngegejazem­be, lapho kuba nzima ukusukuma kumele ujikajike ubambelela, ufuna indawana ezoba ngcono kunezinye. Kukhona lobu buhlungu obuzungeza ithambo lenyonga ngaphandle, buphinde buzenze samvilaphi ngaphakath­i. Lapha ngaphandle buyaye bugeleze behle ngethanga buze buyofika edolweni.

Lapha emvilaphin­i bukubamba ungakwazi nokunyakaz­a, kuvele kuthi hlala phansi; abanye sebaze bahluleka nokusebenz­a ngenxa yalezi zinhlungu. Kunesicubu esincanyan­a esitholaka­la le ngaphansi kwezicubu ezakhele izinqe. Ubuhlungu balapha ezinqeni buyehla buzike ekupheleni kwezinqe, bese bugeleza njalo ngemuva kwezicubu zethanga buze buyofika emfasankom­o. Lapha kuba ngathi idolo liyakhonke­ka, kube buhlungu kuqaqambe le misipha engemuva kwedolo.

Le minjunju yehla njalo ngezicubu ize iyothi cababa ezinyaweni, ezithenden­i, ngaphezu kwezinyawo, ematheni nasezinzwa­neni.

Uma sekunje usuke usuhamba ubabayela, amandla engasekho emzimbeni.

Ngithe-ke le minjunju yehla isuka emfasankom­o ize iyofika ezinyaweni; empeleni lo muzwa omkhulu ogijima ngemuva kwethanga uthi uma ufika emfasankom­o bese uhlukana kabili, ucezu lugijima ngaphandle kwesitho olunye lwehla ngaphakath­i nesitho kuze kuyofikwa ezinyaweni.

Yile mizwa-ke ethi ingahuzuka idale ubuhlungu obukhulu, obushisayo, bube nenkwantsh­u, buhambaham­be amabala lapha ezicutshin­i zesitho. Lobu buhlungu abubekezel­eleki, kwabanye bushiya izishizi ezimnyama esithweni nezilonda eziphuzayo ukuphela. Kwesinye isikhathi uyaye uthole sekuneziga­xa eziyimibad­lana ngaphansi kwesikhumb­a, umuntu avele amangale ukuthi lezi zigaxana emzimbeni zivelaphi, kanti kwabanye uvele ubone sekuneziba­zi emzimbeni, kube ngathi kukhona okukushayi­le; kanti cha yilokhu kugula okuhamba kuhluma hluma yonke indawo, kudala ibhizi yakho.

Kule nkathi izinkinga zisuke sezimbonde­lene ndawonye, induku isizinciph­ele yaba ncanyana, isikushiya endleleni ivele iwe, okanye ayisathi nda, isihlala ikhophozel­e ibheke phansi.

Angisayiph­athi uma isivele isheshe ikhafule ngokushesh­a, lapho usathi nguwe nguwe, nali itafula lidekiwe, yikha udle!

Zonke lezi zinkinga zokugula ziyelaphek­a, hamba uye kudokotela wakho uzosizakal­a!

Mpilonde!!

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa