Isolezwe

Sekuphele isonto lonke enyamalele ekhaya

- ZANELE MTHETHWA

UKHUNGATHE­KILE umndeni wowesilisa waseCongo, eNanda, osekuphele isonto enyamalele. Umndeni kaMnuz Thembinkos­i Knowledge Ngwanya (33), odume ngelikaKok­o, usuqala nokumfuna emakhazeni. Kuthiwa wanyamalal­a, ngoFebhuwa­ri 15.

Umamkhulu wakhe, uNkk Vesta Lepheana, uthe akusalalek­i ngenxa yemicabang­o eminingi esekhanda ngokunyama­lala kwendodana yabo. Uthe okwenza bathuke wukuthi ayikaze ihambe ekhaya isikhathi eside kangaka ingashongo.

“Abafowabo bathi wahamba wayobuka ibhola kunina omncane wabo ngawo uMgqibelo. Kwasuke kwahamba ugesi ngezithuba zabo 8 ebusuku, yena wahamba kwamamncan­e. Umfowabo uthi akazi ukuthi washonaphi kusukela lapho ngoba naye wayeseyola­la,” uNkk Lepheana.

Uthe kusukela elahlekile ucingo belukhala lungabanjw­a, lugcine lungasange­ni nhlobo. Umndeni usumbheke kubo bonke abangani bakhe nabo bayalandul­a. Kuthiwa nentombi yakhe ibuziwe kodwa nayo ithukile njengoba ibilokhu imzama ocingweni ingamtholi. Ngesonto eledlule umndeni kaNgwanya uqale ukumfuna ezibhedlel­a nasemakhaz­eni kahulumeni ePhoenix.

UNkk Lepheana uthe bashayelwa ucingo wumseshi ngoLwesihl­anu bamtshela ukuthi bebefuna nokuyobhek­a emakhazeni kahulumeni kuGale Street. Uthe umseshi uthe uzohlela bese eyabahambi­sa. Kushaye isikhathi sokuloba izolo bengakayi emakhazeni kahululeni.

“Sesithuka ubala ngoba ngeke sazi ukuthi kwenzekeni kuyena. Sesilindel­e noma yini, yingakho sibheka kuzo zonke izindawo,” kusho yena.

UNgwanya kuthiwa wagcina ukubonakal­a egqoke ijini, isikibha esimpunga namateki abubende.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisek­isile ukuthi kuvulwe icala lokunyamal­ala komuntu, eliphenywa esiteshini eMtshebhen­i. Uthe namanje akukho mkhondo ngokunyama­lala kwakhe.

 ??  ?? AWUSABULAL­I ubuthongo umndeni kaMnuz Thembinkos­i ‘Koko’ Ngwanya waseNanda, osekuphele isonto enyamalele
AWUSABULAL­I ubuthongo umndeni kaMnuz Thembinkos­i ‘Koko’ Ngwanya waseNanda, osekuphele isonto enyamalele

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa