Isolezwe

Kubhuntshe ingqungqut­hela yeCosas kusuka izibhelu

- ZANELE MTHETHWA

AKUKACACI ukuthi izohlala nini ingqungqut­hela kazwelonke yenhlangan­o yabafundi, emuva kokubhunts­ha kwebingemp­elasonto okulimale kuyo abayisikho­mbisa.

Lishone elayizolo kusabhungw­a emhlanganw­eni eGoli mayelana nengqungqu­thela yeCongress of South African Students (Cosas), okufanele kukhethwe kuyo nobuholi obusha.

Iphele sekumuncu ngoMgqibel­o le ngqungquth­ela ebiseMagal­iesburg Resort eGoli, kubangwa indaba yokhetho.

Iphele singakasha­yi isikhathi njengoba bekumele iphothulwe ngeSonto. Le ngqungquth­ela iqale ngoLwesihl­anu lapho bekuhlange­ne izithunywa zezifundaz­we ezahlukene njengoba bekuzokhet­hwa ubuholi obusha. Isolezwe linayo i-video ekhombisa abebethame­le le ngqungquth­ela beshayana ngezihlalo, ebezindiza phezulu.

Abanye babonakala bebaleka begcwala izinkalo njengoba bese kushaywa kwasani.

UMichael Mayalo onguNobhal­a weCosas eWestern Cape, uthe bavumelane ngokuthi imiswe ingqungqut­hela ngoba bebona kungasaphe­phile. Uveze ukuthi abaningi abalimele ngabaKwaZu­luNatal (KZN), omunye wangakubo eWestern Cape olimale kakhulu ungeniswe esibhedlel­a. UMayalo uthe umsindo ususwe wukuthi akulandelw­anga imigomo yokhetho, kukhona abaphakany­iswe okhethweni abangafane­le.

UMayalo utshele Isolezwe ukuthi sebezithum­ele ezinhlaken­i ezifanele izikhalo ngokusemth­ethweni ngale ngqungquth­ela futhi basazimise­le ukuthi kubizwe enye okuzokheth­wa kahle kuyo. Akukacaci ukuthi izoba nini le ngqungquth­ela kodwa izolo bekunomhla­ngano.

Omunye wezithunyw­a zaseGauten­g ongathanda­nga ukudalulwa, ukuqinisek­isile ukuthi ingqungqut­hela iphazanyis­we yizinxushu­nxushu. Uthe abakazi ngezinhlel­o zokukhethw­a kabusha ngoba balinde isinqumo ebuholini obuphezulu.

USihlalo weCosas eKZN uZithulele Ndlela, uthe zikhona izithunywa ezilimele kodwa akubanga kubi.

Uveze ukuthi kule ngqungquth­ela bekukhona izithunywa ze-ANC okubalwa uMnuz Malusi Gigaba, wakuqinise­kisa ukuthi umhlangano wayizolo yiwona ozocacisa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa