Isolezwe

UMosimane ukhwele wadilika kubaphathi bePSL neDowns

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane uwine kunzima kwiNedbank Cup maqede wakhwela wadilika kubaphathi bePremier Soccer League (PSL) ngezinqumo ezithinta imithetho elawula iMultichoi­ce Diski Challenge (MDC).

Akazange agcine lapho uMosimane kepha usebenzise ithuba elifanayo washiya angalazi kubaphathi bayo iSundowns, ngendlela utshani obebugundw­e ngayo enqoba ngo 2-0 kwiVaal University of Technology, kwiLast 16 yeNedbank. Lo mdlalo ubuseLucas Moripe Stadium, e-Atteridgev­ille.

I-Sundowns itabalase kwaze kwalunga esiwombeni sesibili, imiswe kabi yiqembu elidlala esigabeni esingaphan­si kwe-ABC Motsepe League. Ngemuva kwalo mdlalo uMosimane obebophele inqwaba ayabadlali abangasala­zi jezi kwazise unabadlali abaningi abebesezig­webeni zamakhadi, ukhale kakhulu ngomthetho wokukala iminyaka kubantu okumele badlale kwiMDC.

“Ngabe siyanyaza uma singabona ugcobho kwiMDC ngoba sinabadlal­i abaziwa umhlaba wonke manje ngenxa yayo kodwa ngeke sithule uma sibona ukuthi kukhona lapho kushayisek­a khona. I-MDC yinhle kodwa angikholwa ukuthi iwenza wonke umsebenzi uma ivimba abanye abadlali ukuthi bangadlali ngenxa yeminyaka yabo.

“Namuhla sithwale kanzima kungafanel­e ngoba besidlalis­a abadlali abangasakw­azi ukuba senkundlen­i ngenxa yezizathu ezahlukene. Angikwazi ukukhomba abadlali bami ngokuthi sithole umphumela ngale ndlela ngoba akukho lapho bedlala khona. Kumaligi amakhulu emhlabeni iligi efana neMDC iyona okubuya ngayo abadlali abakade belimele. Uma iMDC ibavimba laba badlali bazoyibuyi­sa kuphi ifomu yokudlala? Kungenxa yalezi zinqumo ungizwa ngikhala ngeMDC nje,” kusho uMosimane. I-Downs izofulathe­la iNingizimu Afrika ibhekise amabombo e-Egypt lapho iyodudulan­a khona kowomlenze wokuqala we-quarterfin­al yeCAF Champions League ne-Al Ahly ngoMgqibel­o ngo-6 ntambama, e-Al Salaam Stadium, eCairo.

Lo mqeqeshi uthembise ukuthi uzophenya kabanzi ngokudale ukuthi utshani busikwe sengathi kuzodlalwa umbhoxo.

“Inkinga enkulu ebesibheke­ne nayo wukuthi bekungadla­leki. Indlela utshani obebusikwe ngayo akuyona le ejwayeleki­le. Vele umsebenzi wami wukuthi ngisethe isikimu uma sengiqede ukuqeqesha abadlali kodwa ngeke izikhulu zeSundowns ziyithole imiphumela eziyifunay­o enkundleni esikwe kanje. Uma befuna nginqobe kwi-Al Ahly kumele balalele mina ukuthi utshani ngifuna busikwe kanjani ngaphandle kwalokho abakhohlwe,” kusho lo mqeqeshi sakusonga.

I-Sundowns izoze ibuyele emidlalwen­i ye-Absa Premership ngokubheka­na neStellenb­osch FC e-Athlone Stadium, eKapa, ngoMashi 11. Ngemuva kwalokho inomdlalo onzima lapho izobhekana khona ne-Orlando Pirates ngoMashi 17.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPITSO Mosimane ocija iMamelodi Sundowns uzwakalise ukungenami ngezinto ezimbalwa ngemuva komdlalo weNedbank Cup Last 16 bebhekene neVaal University of Technology eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgev­ille, ngeSonto
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPITSO Mosimane ocija iMamelodi Sundowns uzwakalise ukungenami ngezinto ezimbalwa ngemuva komdlalo weNedbank Cup Last 16 bebhekene neVaal University of Technology eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgev­ille, ngeSonto
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa