‘Okushiwo ngeKZN kuyakhathaza’
UNDUNANKULU waKwaZuluNatal, uMnuz Sihle Zikalala, uthi ukhathazekile ngokuthi isifundazwe sabo yisona esihamba phambili ngokusetshenziswa budedengu kwemali.
Ethula inkulumo yakhe izolo evula iLekgotla yezinsuku ezine eseThekwini, uZikalala uthe iKwaZulu-Natal ayikufanele lokhu okuvezwa nguMcwaningimabhuku jikelele.
“UMcwaningi-mabhuku jikelele uveze ukuthi ayilandelwa imigomo, ikakhulukazi ophikweni olukhipha amathenda,” kusho uZikalala.
Uthe kumele babhekane nomphumela wakho konke okwenzekayo.
Esithangamini nabezindaba izolo ngemuva kokuvula iLekgotla, uZikalala uthe zikhona izinyathelo eseziqaliwe ukuthathwa ukwenza isiqiniseko sokuthi isimo siyalungiswa. Uthe mithathu iminyango ethole imibiko emibi, owezeMpilo, owezoLimo nowezokuThutha nehhovisi lakhe.
UZikalala uthe sebeqale umkhankaso obizwa ngeOperation Clean Audit ozogxila eminyangweni emithathu ethole imibiko emibi eminyakeni emithathu edlule nokuzama ukulungisa isimo esibi sokusetshenziswa budedengu kwemali.
“Siyasibheka lesi simo, sibheka ukuthi ngabe yiziphi izizathu azidala lokhu. Senza nesiqiniseko sokuthi abantu ababangela lokhu bayathathelwa izinyathelo. Ningacabangi ukuthi akukho okwenziwayo thulani nibuke, sikubonile futhi nokwehla kwezinga ehhovisi likaNdunankulu nakho lokhu siyakubheka. Nezinqumo sezithathiwe ukuze sinyuse izinga lokusetshenziswa kwemali, kuneminyango esiyiqokile esifuna ukuyibona ithola imibiko emihle,” kusho uZikalala.
Uthe kukhona izikhulu esezithathelwe izinyathelo, ezinye zesulile emsebenzini.
Zikhona izinyathelo ebese zithathiwe mayelana nesikhulu ehhovisi lakhe ebesisolwa ngenkohlakalo kodwa zabuye zamiswa emva komyalelo wenkantolo owathi azimiswe.