UKunene uyifice ibheda iNquthu, wayifaka ehlathini elimnyama
Mandla Mlotshwa KWAMASHU
MHLELI: Ngisike elijikayo ngodaba lokumiswa kweMeya yaseNquthu, uMnuz Mabilabila Kunene. Bathi umiswe emva kokuthi wazesulela ngonyaka ofile.
Iqembu lakhe iNkatha selithathe eside isikhathi ukuthi lifinyelele kulesi sinqumo.
UKunene ubonakale zisuka nje ukuthi isikhundla aqokelwe kusona siyamehlula, abantu belokhu bethi akanikwe ithuba, besho nokuthi akukapheli nonyaka ejutshelwe esikhundleni, kukhulu aseza nakho. Sihlalele ethembeni, kwahamba isikhathi kwabonakala ukuthi umkhumbi uyacwila ngempela waqala wonke umuntu wavula amehlo ngobuholi bukaKunene.
INquthu uyifice isenkingeni vele, yena wayithatha wayifaka ehlathini elimnyama. Konke okuyizethembiso abebekuthembise ukukwenzela umphakathi waseNquthu ngenkathi bekhankasa kumehlulile ukukufeza. Babethembise ukwenza ngcono impilo yomphakathi waseNquthu, bethi bazovula amathuba emisebenzi kubantu abasha kodwa asikubonanga lokho. Kunamuhla khona amakhansela eNkatha azobe eqeda iminyaka emihlanu ngonyaka ozayo kodwa akukho nokukodwa angazishaya isifuba ngokuthi akwenzele umphakathi eNquthu.
Ngonyaka ozayo soya okhethweni lomasipala nginesiqiniseko sokuthi i-IFP ngeke isawuhola umkhandlu waseNquthu, lokho angikungabazi. UKunene ukuqede nya ukwethenjwa kweNkatha eNquthu. Angibazi nje uma sebekhankasela ukhetho ukuthi bazoqamba athini amanga. Udaba lwamanzi lubakhiphe inkani belokhu bevika ngokuthi udaba lwamanzi luphethwe wuMzinyathi nawo oholwa yiNkatha, okuyihlazo nje kwakhona lokho.
Kungcono kodwa ngoba iNkatha igcine iwavulile amehlo, yabona ukuthi imhoxise uKunene kwesobumeya njengoba eshilo okhulumela iqembu uMnuz Mkhuleko Hlengwa.
Uthe izinguquko ezikanjena bazenzile komasipala abehlukene, okubalwa owaKwaNongoma, eZululand naseMtubatuba. Ngicabanga ukuthi bekungokokuqala kulo nyaka umkhandlu waseNquthu ungenalo uhlelo lokusiza abafundi abayofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, ukubahlangabeza ngemali yokubhalisa kodwa kulo nyaka alubanga bikho ngaphansi kobuholi bukaKunene nokungenazimpendulo zokuthi kungani.
Kumanje isikhungo esihlolela izincwadi zokushayela asiphelile, akwaziwa ukuthi kungani. Kumanje uhlelo lokufakelwa kukagesi ezindlini ezintsha lumile, akwaziwa nakhona ukuthi yini isizathu. Idolobha laseNquthu lingcolile kodwa umasipala ukhona. Bazishaya isifuba bathi bathenge izingcingo nezigxobo zezinkambu, zawo wonke amaward kaMasipala waseNquthu. Yikhona ukucabangela umphakathi lokhu?
Mxolisi Manyathi ENQUTHU