Usomahlaya uhlekisa ngokwenzeka esontweni
iSongs in the Key of Love.
UBerita usungule inkampani yokuqopha i-Assali Music. I-albhamu kuzoba ngeyokuqala eyikhipha ezimele. Amaalbhamu akhe amabili okuqala iConquering Spirit neSongs of Empowerement aphuma eNext Music kwathi eyokugcina iBerita wayikhipha eVth Season.
“Ngikujabulele ukwenza le albhamu. Nginamava vele okwenza umculo kodwa mkhulu umsebenzi uma uzimele. Angikuthathi njengezingqinamba engidlule kukho kodwa ngikubona njengokufunda nokukhula. Ngifunde ukuthi i-albhamu akuwona umsebenzi wokudlala. Sekumele ngisebenze ngiyimakethe. Yonke leyo nto ilinde mina,” kusho uBerita.
Uthe unethemba lokuthi abantu abeza emuva kwakhe, ikakhulukazi abesifazane, bazofunda ukuthi bangazenzela noma yini abayifunayo.
“Le ndima ifuna ukubekezela. Uma wawungitshela eminyakeni eyisishiyagalombili edlule ukuthi ngizoba lana ngangizothi unamanga. Ngifuna ukukhombisa abanye besifazane ukuthi kuyenzeka. Empeleni sengiphumelele kakhulu ngizimele, imali iyeza. Okubalulekile wukuthi ngisenza umculo futhi ngiyaqashwa.”
Uthe kuyamjabulisa ukuthi abantu bayawuthanda umculo wakhe futhi unethemba lokuthi nalo omusha bazowuthanda. Uqale wakhipha ingoma ethi Ndicel’ikis, Jikizinto nethi Siyathandana apike kuyo u-Amanda Black.
“Kungithathe iminyaka emibili ukubhala ngase ngithatha abadidiyeli saya eKapa ukuyoqedela. Izingoma eziningi zigxile othandweni futhi isigqi sixubile. Kukhona i-Afro Soul, R&B, kukhona engathi u-Oliver Mtukudzi bese kuba khona ezokudansa kancane.”
Uthe zikhona izingoma azididiyele yena kodwa ezinye zenziwe nguMondli Ngcobo, Tshego AMG noDr Moruti. Upike uBongani Radebe, Bekezela noM-T.
I-albhamu ephelele izophuma ngoLwesihlanu.
USHINTSHA okwenzeka emasontweni akuphendule amahlaya umshumayeli osedume ngelikaChurch Boy ezinkundleni zokuxhumana.
USimunye Sikhakhane waseMpangeni, uzobe enomcimbi wakhe wamahlaya okokuqala eThekwini, ozoba seBat Centre ngoLwesihlanu.
Kulo mcimbi obizwa ngeClean Jokes, uSimunye uzobe eshiyelana inkundla nabanye osomahlaya.
Utshele Isolezwe ukuthi lo mcimbi uvulela umzungezo wamahlaya azowenza nakwamanye amadolobha, olandelayo ozoba seMgungundlovu.
Echaza ngokuba ngusomahlaya, uthe wakhulela esontweni futhi namanje ungumshumayeli ebandleni labasindisiwe.
“Ngaqala ngishutha amavideo ami bese ngiwafaka kwiWhatsApp. Abantu bawathandile bacela nokuthi ngiwasabalalise kwezinye izinkundla zokuxhumana ngo-2017. Ngiqale ngamenywa emishadweni ngizonandisa, ngagcina sengimenywa nasemicimbini yamahlaya,” kusho uSimunye.
USimunye uthe miningi imigilingwane eyenzeka emasontweni kodwa abazalwane bangakwazi ukuyihleka kusasontwa.
Naye ubekubona lokho, ahleke eseyedwa bese ekwenza ihlaya akubone esontweni. Amahlaya akhe amaningi asuselwe ezintweni ezenzeka esontweni nokunye okuseBhayibhelini, athe lokho akusho ukuthi uhlekisa ngenkolo.
“Bakhona abazalwane abathanda amahlaya kodwa inkinga emicimbini eminingi ulimi aluhambisani nabo. Ngikhethe ukwenza amahlaya amsulwa, angahlekwa ngisho ngabantu abadala nabefundisi Kunezinto abazalwane abangathandi ukukhuluma ngazo, ezitholakala kweminye imicimbi yamahlaya,” kuchaza uSimunye.
USimunye ophinde aziwe nangokuzibambela embhobheni uma kuyisikhath sendumiso esontweni, uthe ukuba ngusomahlaya akumphazamisi emsebenzini kaNkulunkulu.
Uthe ubevele eshumayela engakabi wusomahlaya, yingakho abantu bemqonda kahle.
Nokho uthe bakhona asebebuye bangamthembi kahle uma esekwezikamoya ngenxa yokuthi sebemazela kuma-video ehlekisa.
Umcimbi wamahlaya uqala