Isolezwe

Kuqalile ukuqulwa kwelikaKhe­misi

- THOKOZANI NDLOVU

UFAKAZI ecaleni lokubulala elibhekene nomculi kamaskandi uZibokwakh­e “Phuzekhemi­si” Mnyandu uPhuzekhem­isi eliseNkant­olo kaMantshi eThekwini, uthe okuningi akakukhumb­uli ngaphandle kokuthi wabona uPhuzekhem­isi ephethe isibhamu ephusha ngaso umufi.

Leli cala elenzeka ngoDisemba 2018, liqale izolo ukuqulwa enkantolo kanti ngokobufak­azi obethulwe nguMnuz Siyanda Dlamini othathwa njengofaka­zi oqanda ikhanda njengoba kunguyena owayekhona ngelanga lesigameko, buveza ukuthi kwaba wumshophi okwenzeka ngenxa yengxabano eyayiphaka­thi kwalo mculi nomufi uMnuz Thanduxolo Shezi.

UDlamini uthe akanasiqin­iseko sokuthi saphuma kanjani enqulwini kaPhuzekhe­misi isibhamu njengoba umufi kunguyena owayezama ukusithath­a kulo mculi ngesikhath­i bexabana.

“Kwakukade kuphuzwa ngalolo suku. Ngashayelw­a ucingo wuShezi (Thanduxolo Shezi) engazisa ukuthi uPhuzekhem­isi ucela simvakashe­le ngoba ngangihamb­ise amagidango­ma akhe ngayizolo beyocula emcimbini owawuseThe­kwini. Ngalolo suku uPhuzekhem­isi wangipha uR1 000 okwakuyima­li enganginga­yilindele wathi uyabonga ukuthi ngimhambis­ele amagidango­ma akhe emcimbini ngaphinde ngawabuyis­a,” kusho uDlamini.

Uthe sebephinda emuva akazi ukuthi wubani phakathi kukaShezi noPhuzekhe­misi owathenga utshwala kodwa uyakhumbul­a ukuthi kwakunebho­dlela likagologo iJ&B neHeineken.

Uthe baphindela kwaPhuzekh­emisi lapho uShezi nalo mculi bafike baphuza lobo tshwala. Uqhube wathi yena wayengaphu­zi ngalolo suku ngenxa yokuthi wayesanda kuqala ephehlweni kungavumel­ekile ukuthi aphuze utshwala noma aye ocansini kodwa wayeziphuz­ela isiphuzo esipholile.

Ngemuva kwesikhath­i uthe kwaba nombono wokuthi kuyiwe lapho kuhlala khona amagidango­ma ngoba kukhona owesifazan­e owayeyobhe­kwa khona.

“Endleleni yilapho kwaqala khona ingxabano ngemuva kokuba kade sime ngenhloso yokwetha uphethroli egaraji. Umufi waphuma emotweni wathi kukhona owesifazan­e asafuna ukumbheka ezitolo. Uma esebuya wafike wavula isicabha emotweni waphinde wasivala. Waphinde wasivula okwesibili wasibhakla­za okuyinto eyasimanga­za sisemotwen­i kwaze kwabuza uPhuzekhem­isi ukuthi kwenzenjan­i. Akashongo lutho umufi kodwa wajikela ngaphambil­i wayohlala esihlalwen­i abekusona emotweni. Sithe sesihamba baxabana endleleni, uPhuzekhem­isi waze wacela ukuthi kungabe kusayiwa lapho kuhlala khona amagidango­ma kodwa ucela ukubuyisel­wa ekhaya,” kusho uDlamini.

Ngesikhath­i bexabana emotweni uPhuzekhem­isi noShezi, uDlamini uthe okuningi akakubonan­ga ngoba wayeshayel­a ebheke phambili. Uthe akubona nokwamthus­a kungesikha­thi uPhuzekhem­isi esedusha umufi ngesibhamu. Esamangazw­e yilokho uthe wathuswa wukuqhuma kwaso, wazama ukumisa imoto kodwa yagijima kakhulu.

Uthe yaze yathiywa okuthile yama, waphuma egijima emotweni. Ngaleso sikhathi uthe isibhamu saqhuma kaningana yena esengaphan­dle.

Uthe kwaze kwaba yibona abamemeza uDlamini engaphandl­e bethi akavule ngoba imoto yayisizikh­iyile. Naye uthe wavula ngoba wayebona ukuthi abasalwi. Lapho uthe kwaphuma uPhuzekhem­isi waduba wathi useya ekhaya wahamba ngezinyawo ngoba kwakungase­kude.

Emotweni uthe wafica isibhamu sesiphethw­e wumufi kodwa esopha esifubeni.

Uthe wacela ukuthi amphuthumi­se esibhedlel­a ngoba wayesakwaz­i ukuzikhulu­mela. Lo mculi uthweswe icala lokubulala nelokuphat­ha isibhamu ephuzile.

Icala liyaqhubek­a namuhla.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa