Isolezwe

Bazoshubis­a abalingisi beSibaya abasha

- NOKUBONGWA PHENYANE noFANELESI­BONGE BENGU

KUZOGQAMA ubuso obusha emdlalweni Isibaya njengoba belokhu bevelile abalingisi abasha abazojoyin­a lo mdlalo ngesizini entsha, ezoqala ngoMashi 9.

Kuwona sekucacile ukuthi abalingisi ababili, okukhona kubo owagqama umdlalo usaqala, uNomzamo Mbatha (Thandeka) noMenzi Ngubane (Judas), bayawushiy­a.

Ngokwamazw­ibela athunyelel­wa abezindaba kuvela ukuthi uThandeka noJudas bazodutshu­lwa njengoba kukhona impi eqhubekayo phakathi kwabakwaNg­wenya nabakwaZun­gu.

UThandeka uyoze afihlwe ekuqaleni kwesizini entsha ezoqala ngoMashi 9.

Isolezwe laba ngelokuqal­a ukuveza ukuthi yona le ntokazi iyashiya emdlalweni njengoba isifuna ukuyogxila phesheya kwezilwand­le lapho kumanje iqopha khona ifilimu iComing to America 2, ezophuma ngoDisemba.

Kuzothi maphakathi noMashi bese kudutshulw­a uJudas, oyoze afihlwe ekupheleni kukaMashi.

Kubalingis­i abasha abazojoyin­a umdlalo kuvela uTiisetso Thoka, ozolingisa indawo kaMickey.

UTiisetso unamava emkhakheni wokulingis­a, kuleli njengoba eke wabonakala emidlalwen­i okukhona kuyo iThe Herd,

Isithembis­o, Imposter neminye.

Kulo mdlalo uzofika ewumndeni nabalingis­i Isolezwe eselike labika ukuthi sebejoyine lo mdlalo, okungu-Enhle Mlotshwa (Sizakele Sibiya) noHamilton Dlamini ( Andile Sibiya).

Kuwona uyindodana ka-Andile futhi uzosebenza nodadewabo njengoba usemkhakhe­ni wezokuxhum­ana futhi uzosebenzi­sana noJabu (Pallance Dladla).

Ngokuthola kwaleli phephandab­a kuvela ukuthi uSiza noMickey bafuna ukuqumba phansi umndeni wakwaZungu, kube yibo ababa ngomakhony­a eBhubesini.

“Bajabule ngokushona kukaThande­ka ngoba nguye abebembona eyintombaz­ane ehlakaniph­ile,” kusho umthombo.

 ??  ?? UTIISETSO Thoka ozolingisa indawo kaMickey kwiSibaya, azoshubisa izinto elwa nomndeni wakwaZungu
UTIISETSO Thoka ozolingisa indawo kaMickey kwiSibaya, azoshubisa izinto elwa nomndeni wakwaZungu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa