Isolezwe

Izwe selikulung­ele ukuba nebhange likahulume­ni: Mboweni

- BONISWA MOHALE

ININGIZIMU Afrika isikulunge­le ukusungula ibhange likahulume­ni. Usho kanje uNgqongqos­he wezeziMali, uMnuz Tito Mboweni, ethula isabelomal­i sikaR1.954 trillion izolo.

UMboweni uthe ngoJulayi wonyaka odlule ubenike iphini lakhe umsebenzi wokuthi licwaninge ngokusugul­wa kwebhange likahulume­ni, uyajabula ukuthi kuyimanje izinhlelo zokulisung­ula zihamba kahle.

Uthe ibhange likahulume­ni lizolandel­a imithetho yamabhange, lilawulwe yiPrudenti­al Authority ebhekele ukusebenza kwamabhang­e nezinye izikhungo ezisebenza ngemali.

Uveze ukuthi uhulumeni uzoba nesikhwama esibizwa ngeSouth African Sovereign Wealth Fund sizoba noR30 billion.

Uthe ukusungulw­a kwalesi sikhwama kuzokonga imali ezosiza izizukulwa­ne ezizayo.

Imali yalesi sikhwama izophuma kuphethrol­i, igesi nasemalini eyenziwa uma kudayiswa okumbiwayo.

“Lesi sikhwama sizoqinise­kisa ukuthi siyakwazi ukutshala imali entuthukwe­ni ezosiza izizukulwa­ne ezizayo,” kusho uMboweni.

Uveze nokuthi iSABC izothola uR1.1 billion ngenyanga ezayo kuR3.2 billion eyayabelwe wona ngonyaka odlule, ukuze itakulwe.

Uthe le mali izosiza iSABC ukuthi ikhokhele izikweletu zayo kodwa kufanele iyiphathe kahle, iqinisekis­e ukuthi ilandela imithetho yokusebenz­a, ibheke namathuba ezinkampan­ini ezizimele.

I-Denel uyabele uR576 million, ukuze ikwazi ukuqhubeka nokusebenz­a emuva kokuvela kokuthi inezinking­a zemali.

I-Transnet kuvele ukuthi inyuse inzuzo yayo ngoR6 billion ekubeni iboleka ngokwemali esuke inayo. UMboweni uzwakalise ukukhathaz­eka ngokungabi bikho kukagesi ezweni, wathi uzokwenza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi ugesi uba khona ukuze kukhule umnotho.

Uthe bafake uR230 billion eminyakeni ewu-10 ezayo ukulungisa izinkinga zikagesi.

Uthe kuzoba nezinhlobo ezihlukene zikagesi, okubalwa ongangcoli­si imvelo nomoya. I-SAA izonikwa uR16.4 billion ukuze ikhokhele izikweletu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa