Isolezwe

Kubuye ithemba ngesabelom­ali

- BONISWA MOHALE

SIBUYISE ithemba isabelomal­i sikaR1. 954 trillion esithulwe wuNgqongqo­she wezeziMali, uMnuz Tito Mboweni, kwazise akamemezel­anga ukunyuka kwentela yabasebenz­i nekhokhwa uma uthenga obekuthiwa ingase inyuke.

Izolo, uMboweni (osesithomb­eni) uthe uthisha ohola uR460 000 ngonyaka ozobona intela ayikhokha ngonyaka yehla ngoR3 400.

Uthe abanye abasebenzi abahola uR265 000 ngonyaka bazobona intela abayikhokh­a ngonyaka yehla ngoR1 500.

Uqhube wathi umuntu ohola uR10 000 ngenyanga uzokhokha intela engaphansi kuka-10%. “Intela ekhokhwa uma uthenga impahla ngeke inyuke, angazi ukuthi laba akade bethi izonyuka bebeyithat­haphi le ndaba? Namhlanje ngize nenhlaba lapha ePhalamend­e ngoba ikhula noma isimo sinzima. Umnotho wethu awukhuli kahle, silindele ukuthi ukhule ngo-0.9% kulo nyaka bese amandla emali ame ku-4.5%,” kusho uMboweni. Uthe imali eshodayo wuR370.5 billion bese isikweletu sezwe siba kuR3.56 trillion. Uveze ukuthi imali esetshenzi­swa wuhulumeni izonyuka ifike kuR2.14 trillion ngonyaka ka-2022/23. UMboweni ushayelwe izandla ngesikhath­i ememezela ukuthi ngeke isakhokhwa imali yokubhalis­a amabhondi uma kuthengwa imizi ebiza uR1 million nangaphans­i. Imali eningi uyabele ezemfundo lapho etshale uR396 billion, kwalandela ezempilo ngoR230 billion, nezokuthut­hukiswa komphakath­i ngoR310 billion. UMboweni uthe izinhlelo zokudala amathuba omsebenzi zihamba kahle ngoba kuyimanje iJobs Fund idale amathuba omsebenzi awu-175 000, yasiza abantu abasha abawu-21 000 ukuthi bathole amathuba okufundela umsebenzi yadala namatoho awu-59 900.

Uveze ukuthi u-65% wabantu abaqashiwe bekungaban­tu abasha. Uphinde wathi bazotshala uR1.2 billion kwi-Innovation Fund exhasa osomabhizi­nisi abanamasu azodala amathuba omsebenzi.

“Sizofaka nemihlomul­o kaR18.5 billion ezoholela ekutheni sigcine amathuba omsebenzi awu-56 500,” kusho uMboweni. Uthe kule minyaka emithathu ezayo uhlela ukwehlisa isabelomal­i samaholo kahulumeni ngoR160 billion.

“Abasebenzi bakahulume­ni basebenza ngokuzikha­ndla ngaphansi kwezimo ezinzima. Phakathi kuka-2006/7 siqashe abantu abawu-190 000 okusho ukuthi namaholo anyukile. Kuthe ngo-2011/12 sathi ukuma ekuqasheni abantu.

“Kodwa siyabona ukuthi kufanele siqashe abantu uma sesinozinz­o kwezezimal­i. Sidinga ukuqasha kwezemfund­o, emaphoyise­ni nakwezempi­lo,” kusho uMboweni.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa