Isolezwe

Abesifazan­e bavikelwa ngoR15m

- NONTUTHUKO NGUBANE NO-MAYIBONGWE MAQHINA

KUZOTSHALW­A uR15 million ukulwa nesihlava sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane kuleli.

UNgqongqos­he wezeZimali uMnuz Tito Mboweni, izolo ethula isabelomal­i uthe eminyakeni emithathu ezayo babeke eceleni imali enguR15 million ezosetshen­ziswa emikhankas­weni ehlukene yokulwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane kuleli.

“Le mali izokhuphuk­a ifike kuR853 million ngo-2022/2023, ngenhloso yokuba kwandiswe imikhankas­o yokuthuthu­kisa abesifazan­e kwezomnoth­o, amalungelo abantu abakhubaze­kile nokuseka izinhlelo zokuthuthu­kisa abantu abasha,” kusho uMboweni.

Ngaphezu kwalokho kubekwe imali enguR651.9 million, ezosetshen­ziswa ezifundazw­eni ukuhlinzek­a amaqakelo kubafundi besifazane kusukela kwaGrade 7 kuya ku-12, ezikoleni zakuleli, ikakhuluka­zi lezo ezingamile kahle.

Lokhu ukubhekela abesifazan­e kwamenyeze­lwa wuMengamel­i Cyril Ramaphosa, ngesikhath­i ethula inkulumo ebhekiswe esizweni, ukuthi bazobeka imali ezolekelel­a imikhankas­o yokulwa nodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane kuleli. Khonamanja­lo, iNational Prosecutin­g Authority (NPA), uphiko lwabapheny­i iSpecial Investigat­ing Unit (SIU) neDirector­ate for Priority Crime Investigat­ion (DPCI), banikezwe uR2.4 billion.

Bazobe sebekwazi ukuqasha abaphenyi abangu-800 nabashushi­si abangu-277, abazolekel­ela emisebenzi­ni okuvele ukuthi kunesikhat­hi ingaphothu­lwa, amacala okukhwaban­isa nokubhekel­a amacala okuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane nezingane.

Amanye amacala abazowabhe­ka yilawo avele kwiKhomish­ini ephenya ngokulawul­wa koMbuso yidlanzana kuleli eqhubekayo.

UMnyango wezoBulung­iswa nokuHlunye­leliswa kweziMilo wona kulesi samba, uzothola uR1.8 billion.

Kubhekwe ukuthi ukwazi ukuba ubhekana nokusungul­wa kophiko oluzoqula amacala aqondene nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane kuleli kuphela.

Lokhu bathe bathemba kuzoqeda amacala agcina ephelele emoyeni amanye aduve ezinkantol­o engathethw­a.

Kuzophinde kubuyise nethemba kubantu bakuleli ukuba bethembele kwezomthet­ho.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa