Banyuselwe imali yesibonelelo bengalindele
BEBENGALINDELE ukuthi izonyuka ibe wumthanyana abahola imali yesibonelelo sikahulumeni ngenxa yesimo somnotho esintengayo ezweni.
Ngesikhathi ethula isabelomali izolo, uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Tito Mboweni, uthe kulindeleke isibalo sabathembele kwisibonelelo sikahulumeni sifinyelele ku-19 million ngo-2022. Ugcizelele ukuthi uhulumeni ubabeka eqhulwini abahola isibonelelo, okumanje bangaphezu kuka-18 million.
Imali emenyezelwe izolo izonyuka kusukela ngo-Ephreli. Eyabadala nabanokukhubazeka izonyuka ngoR80, okusho ukuthi isizoba uR1 860. Eyamasosha oMkhonto Wesizwe isizoba uR1 880, nayo yenyuke ngoR80. Inyuke ngoR40 eyezingane eziyizintandane, esizoba uR1 040. UMboweni uthe eyesondlo sezingane inyuka ngoR20 kodwa wadida uma esethi isizoba uR445 esikhundleni sikaR450.
Abahola impesheni nesondlo sezingane bathe bebelinde okuncane kakhulu.
UMnuz Joesiel Radebe wasoHlange, eNanda, uthe akakhali neze ngoba ubengalindele lutho.
“Ngiyazi ukuthi isimo somnotho sitshekile, ngiwubona umkhulu kakhulu uR80. Imali eningi ihambe nenkohlakalo. Mina ngiyayibonga ngempela imali esiyitholile. Okuhle kimina wukuthi angithengi ngayo ukudla kodwa ngiyazidlela yona ngoba anginabo abazukulu abadinga ukondliwa,” kusho uRadebe.
UNkk Nokwethemba Dlamini waseChatsworth uthe yize sekujwayelekile ukuthi bathole uchatha kaR20 kodwa ngeke akhale kakhulu. Uholela ingane eyodwa, athe ubuye alekelele ngamatoho. Uthe unethemba lokuthi kukhona abazophinde bakuthole uma kuchitshiyelwa isabelomali phakathi nonyaka.
UNksz Ntombifuthi Mkhize oholela izingane ezimbili eyesibonelelo sezintandane, uthe imali izowenza umehluko.
“Siyabona ukuthi uhulumeni uyanakekela ngempela ngoba uyazicabangela nezintandane. Imali iyasiza ekudleni ngoba ezikoleni vele uhulumeni nakhona uyasibonelela,” kusho uNksz Mkhize.
Akukho okutheni okushintshile ngemali yesibonelelo kunangonyaka odlule nakhona imali ebinyuke ngesamba esifanayo.
Kuvele ukuthi kubekwe uR88 billion wokuqinisekisa ukuthi ivikelekile imali yezibonelelo zikahululeni. Kubekwe eceleni uR88.1 billion wempesheni yabadala noR69.8 billion wesondlo sezingane.