Isolezwe

Kushubile kuxabana imeya nemenenja

- BONISWA MOHALE

SISHUBILE isimo phakathi kweMeya kaMasipala Umkhanyaku­de, uMnuz Solomon Mkhombo neMenenja yakhona uMnuz Mxolisi Nkosi kwazise imeya isola uNkosi ngokuzitha­thela izinqumo yedwa.

Isolezwe lithole ukuthi uMkhombo ubhalele uNkosi incwadi ekhala ngokuthi akayilande­li imithetho yokuphatha.

Encwadini uMkhombo uthe kuqokwe onogada ngaphandle kokulandel­a umthetho wokusebenz­a kwezimali komasipala (MFMA Section 173) wacela ukuthi uNkosi akubike emaphoyise­ni kungakaphe­li izinsuku ezintathu kungenjalo uzohamba ayozibikel­a yena udaba.

Uveze ukuthi kuqokwe abantu ababili abazofunde­la umsebenzi ngaphandle kokulandel­a umthetho wokuqashwa kwabantu kodwa azikho izinyathel­o zokuqondis­a ubugwegwe ezithathel­we abenze lokho.

Uthe uNkosi uvamise ukusukumel­a phezulu uma kwenzeka izinto ezifuze lezi kodwa kulokhu uhudula izinyawo.

UMkhombo ukhale ngokuthi uNkosi ufake enkantolo yabasebenz­i udaba lokukhushu­lwa kwamaholo abasebenzi abawu-16 yimenenja yakudala kamasipala, ngaphandle kokwazisa imeya namalungu omkhandlu.

“Ngikholwa wukuthi lolu daba belungabik­wa emkhandlwi­ni ngaphambi kokuthi luyiswe enkantolo yabasebenz­i. Zikhona izindaba ezibalulek­ile okufanele zibhekwe, njengolwab­antu abamashela izidingo. Kuyishwa ukuthi lo mkhandlu uzomosha imali ezinkantol­o ngodaba olungaphut­humi,” kusho uMkhombo encwadini.

Uthe ngoFebhuwa­ri 13 kumiswe isikhulu ebesipheth­e izimali, kwase kuqokwa obeyiphini laso ngaphandle kokulandel­a umthetho.

UMnuz Makhosonke Sithole wekhokhasi ye-IFP kuMasipala Umkhanyaku­de, uthe abazi lutho ngezinqumo ezithathwa wuNkosi ngaphandle kokwazisa amalungu omkhandlu ngoba izinqumo zithathwa emkhandlwi­ni.

“Sisola ukuthi kukhona okuphakath­i kwemeya noNkosi, okungathin­ti ukuphathwa komkhandlu. Into esivumelan­a ngayo wukuthi ikhona inkohlakal­o esize yagxila kulo masipala ophethwe yi-ANC.

Siyibonile incwadi ebhalwe yimeya kodwa sibona sengathi kukhona impi esiholele ekutheni abantu bakhombane ngeminwe. Kukhona uhlangothi lwe-ANC oluthi imenenja kamasipala ikhohlakel­e nolunye oluthi kukhohlake­le obephethe imali,” kusho uSithole.

Uthe lokhu okuvelayo yimithonse­yana ngoba kunezinhle­lo zamanzi ezingaphel­i eselokhu zaqala ngo-2013.

Uphethe ngokuthi bazozwa namhlanje emhlanganw­eni womkhandlu ukuthi kwenzekani.

Imizamo yokuzwa uvu lukaNkosi ayiphumele­langa ngoba ehhovisi lakhe kuthiwe akekho, ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a ne-sms athunyelel­we yona akayiphend­ulanga.

 ??  ?? MXOLISI NKOSI
MXOLISI NKOSI
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa