Isolezwe

Abezepolit­iki bancome isabelomal­i sikaMbowen­i

- SIMPHIWE NGUBANE

IZINHLANGA­NO zepolitiki ePhalamend­e zincome isabelomal­i sikaNgqong­qoshe weziMali, uMnuz Tito Mboweni, ngokungayi­nyusi intela ekhokhwa uma uthenga naleyo ekhokhwa ngabaseben­zi.

UMboweni wethule isabelo sikaR1.95 trillion sonyaka wezimali u-2020/21 eKapa izolo emini.

Okhulumela i-ANC, uMnuz Pule Mabe, uthe kube yizindaba ezimnandi ukunganyus­wa kweValue Added Tax (VAT) nentela ekhokhwa abasebenzi.

“Lokhu kuzokhuphu­la nesibalo sabatshali­zimali. Ukunyuswa kwentela kacwazi kuyizindab­a ezimnandi ngoba kuzokwenza abantu bapheze ukulahla udoti noma yikanjani. Izinhlelo zokuthuthu­kiswa kwengqalas­izinda, okufaka phakathi nokwakhiwa kwenyuvesi Ekurhuleni kuzodala amathuba omsebenzi,” kusho uMabe.

UMabe uncome ukumenyeze­lwa kwebhange likahulume­ni elizolekel­ela amabhizini­si kahulumeni nabantu ngoxhaso lwezimali namalayise­nsi okuzivulel­a amabhange amancane.

“Kuhle nokumenyez­elwa kwesikhwam­a sezwe sokulondol­oza imali i-Sovereign Wealth Fund ezosiza isizukulwa­ne esizayo.”

UMnuz Geordin Hill-Lewis weDA, uthe zehla kamnandi izindaba zokunganyu­swa kwentela.

Uthe luzosusa umsindo phakathi kukahulume­ni nezinyunya­na udaba lokubuyeke­zwa kwesabelom­ali sabasebenz­i bakahulume­ni.

UMengameli we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthe asijabhisi isabelomal­i uma uzobuka isimo somnotho esikusona njengezwe.

Uthe kubajabuli­sile ukumenyeze­lwa kwebhange likahulume­ni nesikhwama sezwe sokulondol­oza athe ngamasu e-EFF.

“Sijabhiswe wukwehlisw­a kwesabelom­ali somasipala, okuyibona abenza umsebenzi omkhulu. Akuthuthuk­iswe umnotho ngokutheng­wa kwezimpahl­a ezikhiqizw­e kuleli, kuxhaswe amabhizini­si asathuthuk­a khona kuzodaleka amathuba omsebenzi. Kuyacaca uMboweni akanalo uhlelo lokudala amathuba omsebenzi.”

UMnuz Narend Singh we-IFP, uncome ukunganyus­wa kwentela kodwa wathi ubemncane umehluko enkulumeni kaMboweni nayekuthem­bise ngonyaka owedlule.

“Kusaculwa iculo elilodwa ngokutakul­a izinkampan­i zikahulume­ni ngezizumbu­lu zemali engabe isetshenzi­selwa ukushintha impilo yabantu bakuleli. Sidangele ngokwehlis­wa kwesabelom­ali kwezemfund­o, ezempilo neyezinto ezithuthuk­isa umphakathi.”

UMnuz Ahmed Shaik Emam weNFP, uncome uMboweni ngokucaban­gela abamabhizi­nisi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa