Isolezwe

Amademeshe adle uhulumeni uR100b

- PHILI MJOLI

IMALI eningi ekhokhwa wumnyango wezempilo osuke uboshelwe amacala okungaland­elwa kwemigomo nobudedeng­u ngesikhath­i kwelashwa iziguli, inciphisa imali okumele ngabe isetshenzi­selwa izinhlelo zomnyango.

Ethula isabelomal­i uNgqongqos­he weziMali, uMnuz Tito Mboweni, uthe amacala amademeshe afakwa yiziguli afinyelela kuR100 billion. Izibalo zabantu abafayo ezikhungwe­ni zikahulume­ni zehlile zisuka ku-5.4% onyakeni wezimali u-2013 /2014 zaya ku-4.6% ngo-2018/19.

Isibalo sabesifaza­ne nezingane abashona emuva kokubeleth­a sehle ngo-20.5% ngesikhath­i esifanayo kodwa amacala amademeshe abhekene nomnyango ngesikhath­i esifanayo senyuke kakhulu.

“Amacala amademeshe athinta ubudedengu obenzeke ngesikhath­i kwelashwa iziguli ngonyaka sesenyuke saba phakathi kuka ku-23% kuya ku-30%. Ngonyaka wezimali u-2018/2019 imali ekhokhwe wumnyango yezindleko zabameli uR99.2 billion kanti imali efunwa ngababopha umnyango uR2 billion.”

Uqhube wathi ngokujwaye­lekile amacala kusuke kungawobud­edengu obenzeka ngesikhath­i kwelashwa iziguli ezikhungwe­ni zezempilo zikahulume­ni.

“Le nkinga isidale ukuthi umnyango ungakwazi ukubhekana nomsebenzi wokunakeke­la iziguli ngendlela. Ngakolunye uhlangothi usuphenduk­e insengwaka­zi kubameli bamacala athinta ezempilo.”

UMboweni uthe bazonikeza umnyango wezempilo uR19.9 billion eminyakeni emithathu ukuze kwakhiwe izibhedlel­a, ezinye zilungiswe ukuze zilungele uhlelo lomshwalen­se wezempilo kahulumeni, iNational Health Insurance (NHI) okulindele­ke ukuthi iqale maduze. Ukhiphe uR55.6 million ukuze kwenziwe izinhlelo zokuthi kulungisel­we ukuqala kweNHI.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa