Bathwale kanzima bevalwa inzalo
BALAHLEKELWE wumendo, baphelelwa wukuzethemba, baphathwa wukhwantalala abesifazane, okuthiwa bavalwa inzalo ngempoqo ezikhungweni zempilo zikahulumeni eGauteng naKwaZulu-Natal.
IKhomishini yokuLingana koBulili kuleli yethule umbiko oveza ukuthi kwahlukunyezwa amalungelo abesifazane ekuqaleni kwesonto.
Iningi lalaba besifazane banegciwane lengculazi kodwa bakhona abangenalo.
UNksz Bongekile Msibi (32) uthi akanalo igciwane lengulazi wathola ngemuva kweminyaka ewu-11 ukuthi ngesikhathi ebeletha ingane yakhe yokuqala ena1, wakhishwa isibeletho.
Uthi ulahlekelwe wumendo izikhawu ezimbili, waphathwa wukhwantalala, usehluleka wukulawula intukuthelo.
Uthi ufuna umnyango ukhokhele owesifazane ozomkhulelelwa ngoba usafisa ukuba nenye ingane, umnxephezele bese umchazele ukuthi kungani akhishwa isibeletho ngoba akaze ayithole incazelo.
Udaba lwakhe uthe umnyango walufaka kumxazululi.
Uthe wabelethela esibhedlela eBharagwanath ngo-2005.
“Angizange ngibone ukuthi kukhona okungahambi kahle ngami ngoba bengisebenzisa izinto zokuvikela ukukhulelwa. Ngizwe ngonyaka ka-11 ukuthi isibeletho sakhishwa, ngitshelwa wudokotela ngiyohlola ukuthi yingani ngingakhulelwa,” kusho uNksz Msibi.
Uqhube wathi okumdina kakhulu wukuthi esibhedlela alikho ifayela lakhe, lafunwa unyaka wonke lingatholakali ngo2016.
“Ngabizelwa udokotela, owangitshela ukuthi wayekhona ngibeletha, ngasayina ukuthi ngivala inzalo. Ngambuza ukuthi bangisayinisa kanjani ngineminyaka ewu-17, washintsha wathi umama owasayina, usakhumbula.
Umama uthi akaze asayine lutho. Usho kalula, sengathi ukhuluma ngokunquma uzipho into ebuye ikhule.
Wathi angihambe, angithole owesifazane okhulelwa angininke ingane, uma ngisafuna ukuba nenye ingane,” kusho uNksz Msibi.
Uthe waya ehhovisi likaNgqongoshe wezeMpilo waseGauteng wangaleso sikhathi, okwakungu Dkt Gwen Ramokgoba eyofaka isikhalo. Wahlangana nenye imbibizane. Abaphathi bomnyango bamchitha, abanye bemsabisa bengafuni abone ungqongqoshe. Walala izinsuku ezintathu ukuleli hhovisi efuna ukubona ungqongqoshe.
“Ngesikhathi ngihleli ngangithukwa, ngisatshiswa kuthiwa angikhohlwe yile nto ngoba ayibambeki. Ngagcina ngifunde ukuthi kumele ngilwe uma ngifuna ukunakwa. Ngafunda ukuthi ngibatshele abasebenzi bezempilo ukuthi baqashwe yimi ngoba ngiwumkhokhi wentela, ngakho kumele banginake, abangenzeli umusa.”
Owesifazane waseMlaza (41) ocele ukungadalulwa ngoba uyise wezingane akazi ukuthi wavalwa inzalo, uthe waphoqwa ukuthi asayine eMshiyeni Memorial ngo-2006.
Uthe wayefundiswe kahle ngohlelo lukuvikela ingane njengoba enegciwane lengculazi. Ngaleso sikhathi uthi iphilisi laliphuzwa uma sewuqale ukusikwa.
“Ngahlala esibhedlela izinsuku ezintathu ngaphambi kokuthi ngibelethiswe ngoba umfutho wegazi wawuphezulu, kwathiwa ingane inkulu, ngeke ngikwazi ukuzibelethela. Udokotela wabuza ukuthi ngisayinile yini ukuthi ngiyavala, ngathi cha. Wathi
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. mangibuyele emuva, ngaqhutshwa ngombhede ngabuyiselwa ewodini.
Umhlengikazi akabuzanga lutho, wanginika ifomu, ngalisayina nginengcindezi yokuthi kumele ngiyohlinzwa,” kusho yena
Uthi akazi ukuthi wavalwa kanjani, wanqanyulwa amashubhu noma wakhiswa isibeletho ngoba akasebenzi, akanayo imali yokukhokhela udokotela.
Uyise wezingane wamfihlela ngoba uyesaba ukumtshela iqiniso, angase amshiye.
Uhlelo lokuvikelwa kwengane engakazalwa ukuthi ithole igciwane kunina, kukhuthazwa kuthi luqalwe ngaphambi kokuthi unina akhulelwe. Uma unikezwa imishanguzo yokuvikela ingane ngaleso sikhathi, uma isizelwe ingane, iyahlolwa ngemuva kwamasonto amane kuya kwayisithupha, iphindwe ngezinyanga ezingu-18. Ngalesi sikhathi inikezwa imishanguzo yokuvikela ngoba unina usuke eyincelisa, lezi zinhlelo zisebenza kahle kuleli.