Isolezwe

Bathwale kanzima bevalwa inzalo

- PHILI MJOLI

BALAHLEKEL­WE wumendo, baphelelwa wukuzethem­ba, baphathwa wukhwantal­ala abesifazan­e, okuthiwa bavalwa inzalo ngempoqo ezikhungwe­ni zempilo zikahulume­ni eGauteng naKwaZulu-Natal.

IKhomishin­i yokuLingan­a koBulili kuleli yethule umbiko oveza ukuthi kwahlukuny­ezwa amalungelo abesifazan­e ekuqaleni kwesonto.

Iningi lalaba besifazane banegciwan­e lengculazi kodwa bakhona abangenalo.

UNksz Bongekile Msibi (32) uthi akanalo igciwane lengulazi wathola ngemuva kweminyaka ewu-11 ukuthi ngesikhath­i ebeletha ingane yakhe yokuqala ena1, wakhishwa isibeletho.

Uthi ulahlekelw­e wumendo izikhawu ezimbili, waphathwa wukhwantal­ala, usehluleka wukulawula intukuthel­o.

Uthi ufuna umnyango ukhokhele owesifazan­e ozomkhulel­elwa ngoba usafisa ukuba nenye ingane, umnxepheze­le bese umchazele ukuthi kungani akhishwa isibeletho ngoba akaze ayithole incazelo.

Udaba lwakhe uthe umnyango walufaka kumxazulul­i.

Uthe wabelethel­a esibhedlel­a eBharagwan­ath ngo-2005.

“Angizange ngibone ukuthi kukhona okungahamb­i kahle ngami ngoba bengiseben­zisa izinto zokuvikela ukukhulelw­a. Ngizwe ngonyaka ka-11 ukuthi isibeletho sakhishwa, ngitshelwa wudokotela ngiyohlola ukuthi yingani ngingakhul­elwa,” kusho uNksz Msibi.

Uqhube wathi okumdina kakhulu wukuthi esibhedlel­a alikho ifayela lakhe, lafunwa unyaka wonke lingathola­kali ngo2016.

“Ngabizelwa udokotela, owangitshe­la ukuthi wayekhona ngibeletha, ngasayina ukuthi ngivala inzalo. Ngambuza ukuthi bangisayin­isa kanjani ngineminya­ka ewu-17, washintsha wathi umama owasayina, usakhumbul­a.

Umama uthi akaze asayine lutho. Usho kalula, sengathi ukhuluma ngokunquma uzipho into ebuye ikhule.

Wathi angihambe, angithole owesifazan­e okhulelwa angininke ingane, uma ngisafuna ukuba nenye ingane,” kusho uNksz Msibi.

Uthe waya ehhovisi likaNgqong­oshe wezeMpilo waseGauten­g wangaleso sikhathi, okwakungu Dkt Gwen Ramokgoba eyofaka isikhalo. Wahlangana nenye imbibizane. Abaphathi bomnyango bamchitha, abanye bemsabisa bengafuni abone ungqongqos­he. Walala izinsuku ezintathu ukuleli hhovisi efuna ukubona ungqongqos­he.

“Ngesikhath­i ngihleli ngangithuk­wa, ngisatshis­wa kuthiwa angikhohlw­e yile nto ngoba ayibambeki. Ngagcina ngifunde ukuthi kumele ngilwe uma ngifuna ukunakwa. Ngafunda ukuthi ngibatshel­e abasebenzi bezempilo ukuthi baqashwe yimi ngoba ngiwumkhok­hi wentela, ngakho kumele banginake, abangenzel­i umusa.”

Owesifazan­e waseMlaza (41) ocele ukungadalu­lwa ngoba uyise wezingane akazi ukuthi wavalwa inzalo, uthe waphoqwa ukuthi asayine eMshiyeni Memorial ngo-2006.

Uthe wayefundis­we kahle ngohlelo lukuvikela ingane njengoba enegciwane lengculazi. Ngaleso sikhathi uthi iphilisi laliphuzwa uma sewuqale ukusikwa.

“Ngahlala esibhedlel­a izinsuku ezintathu ngaphambi kokuthi ngibelethi­swe ngoba umfutho wegazi wawuphezul­u, kwathiwa ingane inkulu, ngeke ngikwazi ukuzibelet­hela. Udokotela wabuza ukuthi ngisayinil­e yini ukuthi ngiyavala, ngathi cha. Wathi

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. mangibuyel­e emuva, ngaqhutshw­a ngombhede ngabuyisel­wa ewodini.

Umhlengika­zi akabuzanga lutho, wanginika ifomu, ngalisayin­a nginengcin­dezi yokuthi kumele ngiyohlinz­wa,” kusho yena

Uthi akazi ukuthi wavalwa kanjani, wanqanyulw­a amashubhu noma wakhiswa isibeletho ngoba akasebenzi, akanayo imali yokukhokhe­la udokotela.

Uyise wezingane wamfihlela ngoba uyesaba ukumtshela iqiniso, angase amshiye.

Uhlelo lokuvikelw­a kwengane engakazalw­a ukuthi ithole igciwane kunina, kukhuthazw­a kuthi luqalwe ngaphambi kokuthi unina akhulelwe. Uma unikezwa imishanguz­o yokuvikela ingane ngaleso sikhathi, uma isizelwe ingane, iyahlolwa ngemuva kwamasonto amane kuya kwayisithu­pha, iphindwe ngezinyang­a ezingu-18. Ngalesi sikhathi inikezwa imishanguz­o yokuvikela ngoba unina usuke eyincelisa, lezi zinhlelo zisebenza kahle kuleli.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa