Isolezwe

Izitolo seziwasusi­le amathini kafishi

- LYSE COMINS NOTHULASIZ­WE NKOMO

IZITOLO ezinkulu seziwasusi­le emashalofi­ni azo amathini kafishi okuvele ukuthi kungenzeka kube yiwona abangela isifo sokudla okusemathi­nini esibizwa nge-botulism.

Lokhu kubangelwe yisimemeze­lo sangoMsomb­uluko seNational Regulator for Compulsory Specificat­ions (NRCS) enxuse ukuthi kuhoxiswe ukudayiswa kukafishi iPilchard in Tomato Saurce nePilchard in Chilli osemathini­ni awu-400g, kuzo zonke izitolo ezincane nezinkulu.

I-NRCS ithe isimemezel­o isenze emuva kwemiphume­la yophenyo lwayo eveze ukuthi igciwane langena emathinini ngesikhath­i kufakwa isithako i-sauce kwenziwa umkhiqizo okungagcin­a kubeke engcupheni ukuphepha kwabatheng­i.

Baveze ukuthi lokhu kuqale ukubonakal­a emuva kwezinyang­a emathinini agciniwe njengoba okuphakath­i ethinini bese kuqala ukushayisa­na nokusansim­bi kwethini okuholela ekuvuzeni kwalo.

Uthe umkhiqizo onale nkinga uqale eKapa lapho wenziwa khona nyakenye wase usatshalal­iswa nezwe lonke.

“Sinxusa abathengi ukuthi babuyisele emuva imikhiqizo lapho beyithenge khona, bazobuyise­lwa imali yabo,” kusho abakwaNRCS.

Bathe izitolo ezithintek­ile kubalwa uDeep Catch, Mammas, OK Housebrand, Prime Oceon, Spar Sunny, Shoprite, Riterbrand, Cape Point, Checkers Housebrand, U Brand, Saldanha naseWest Point.

Imikhiqizo ethintekil­e yileyo enomaka oqala ngo-ZST29 no-ZSC29 obhalwe okhakhayin­i lwethini.

“Ukuphepha kokudla kubaluleki­le kithina ngakho inhlangano iyaqhubeka nokuxoxa nazo zonke izinhlaka ezithintek­ayo ukuqinisek­isa ukuthi wonke umkhiqizo uyasuswa ukuze kuvikelwe abathengi,” kusho bona.

Okhulumela isitolo sakwaShopr­ite, uNksz Sarita van Wyk, uthe isitolo sesisabeli­le kwikhwelo lenhlangan­o sayisusa imikhiqizo.

UMnuz Mike Prentice wesitolo sakwa-Spar uthe amasuphama­kethe abo athole ukuthi imikhiqizo ye-Saldanha enalezi zinombolo okuthiwa ayathintek­a kanti sebevele bayikhiphi­le emashalofi­ni.

I-Woolworths ithe yona iphakelwa abakhiqizi abehlukile.

Uthe yize bewudayisa ufishi wakwa Lucky Star nePilchard­s in Tomato Sauce engu-400g kodwa yenziwa kwenye indawo.

AbakwaPick n Pay bathe sebeyisuse yonke imikhiqizo okusolakal­a ukuthi iyathintek­a.

Ungoti kwezokudla ophinde abe yilungu le-South African Associatio­n for Food Science and Technology, uSolwazi

Lucia Anilech, uthe lesi sifo sibangwa amagciwane amancane abizwa ngeClostri­dium botulinum atholaka ekudleni okusethini­ni okune-acid ephansi njengofish­i.

Uthe izimpawu zesifo wubuhlungu bomphimbo kube nzima ukugwinya, nokukhulum­a, umlomo owomile nobuso obubuthaka, ubuthaka bokubona okuholela ekutheni okubonayo kube sengathi kubili, ukuvaleka kwamehlo, ukuphalaza nobuhlungu bomgogodla.

Uthe izimpawu zingaqala ukubonakal­a emuva kwamahora awu-18 kuya kwawu-36 emuva kokudla ukudla olunalolu hlobo lwamagciwa­ne.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa