Isolezwe

Utholwe esibhedlel­a obekucatsh­angwa ukuthi wafa

- ZANELE MTHETHWA

UTHOLWE esibhedlel­a ngoMsombul­uko egwazwe kanzima owesilisa waseNanda, obese kuphele isonto anyamalala ekhaya.

Ubesefunwa nasemakhaz­eni uMnuz Thembinkos­i “Koko” Ngwanya (33), owaduka kubo ngoFebhuwa­ri 15, otholwe esibhedlel­a sikahulule­mi eThekwini.

Umndeni wakhe ubusuqala ukulahla ithemba njengoba ebengathol­akali ngisho ocingweni kusukela alahleka. UNkk Vesta

Lepheana ongunina wakhe omdala, uthe sebekwazi nokulala ubuthongo njengoba esetholake­le. Utshele Isolezwe ukuthi balandela umkhondo emuva kokuba umfowabo ezwe abantu bekhuluma ngowesilis­a owagwazwa ngosuku anyamalala ngalo.

“Kuthiwa abantu bebebabaza indlela alimala ngayo lo mfana owayegwazi­we, besho nokuthi ababoni ukuthi wasinda. Ngecebo likaNkulun­kulu nje umfowabo ubelalele, wabuzisiza kubantu abebexoxa ukuthi wayiswa kusiphi isibhedlel­a lowo muntu owalimala? Umkhondo usibhekise emtholampi­lo eNewtown sayobheka khona,” echaza.

Uthe nakhona kuthathe isikhathi ukuthi bathole umkhondo ngenxa yokuthi uNgwanya wabhalisa igama lesidlalis­o kanti bona bebembheka ngelikaThe­mbinkosi. Umndeni wakhe ugcine uyalelwe esibhedlel­a esisedolob­heni, wamthola khona egwaziwe.

“Namanje asazi ukuthi wasinda kanjani, sibonga imikhuleko yabazalwan­e.

Indlela agwazwa ngayo esiswini, kuthiwa amathumbu ayechithek­ele ngaphandle.

“Wagwazwa amanxeba amathathu esiswini ebanjwa inkunzi khona eNanda waphucwa iselula, amateki nejakhethi,’’ kusho uNkk Lepheana.

Kuthiwa bayisikhom­bisa abesilisa abamhlasel­a, wasizwa yimoto eyayidlula sebefuna ukumdudule­la ehlathini bamqedele.

UNgwanya wayephume kubo eyohambise­la umngani ijakhethi emuva kokuba kuhambe ugesi besabuka ibhola.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa