Isolezwe

I-USA izibopheze­le ngenxa kaMshengu

- ZANELE MTHETHWA

INXUSA lase-USA lizibophez­ele ukuthi bazoqhubek­a nokweseka isikole samabanga aphansi eClermont, ebesixhasw­a ngenxa yobudlelwa­no obebukhona nomholi weLadysmit­h Black Mambazo ongasekho.

UNkk Sherry Sykes obevakashe­le okokuqala Etshelihle Primary izolo, uthembise ukuthi ngeke bunqamuke ubudlelwan­o i-USA ebinabo nalesi sikole. Ubehambisa­na noMnuz Stanley Brady ongumngani omkhulu kaDkt Joseph Shabalala, okunguye owamazisa kulesi sikole. UBrady onenhlanga­no esiza imiphakath­i ebizwa ngeThe SB Step Ahead Program, uthe uShabalala wamletha kulesi sikole eminyakeni engu-25 edlule. Lesi sikole siseduze nomuzi omdala kaShabalal­a, uBrady asenikele kaningi kusona nenhlangan­o yakhe.

UNkk Sykes uthe uyajabulel­a ukunyathel­a lapho kuphile khona leli qhawe elingasekh­o lomculo wesicatham­iya. Uthe kuningi abazimisel­e ukusiza ngakho kuleli ngenxa yokuthi uShabalala wabavulela inhliziyo yakhe.

UBrady uveze ukuthi uzoqinisek­isa ukuthi impilo kaShabalal­a iyabonakal­a ngemiseben­zi yakhe noma engasekho.

‘’Ngathi ngiqala ukuvakasha emzini kaShabalal­a, wangiletha kulesi sikole. Sekufana nokuthi yisekhaya ngoba bekuthi njalo uma ngimvakash­ele, ngizobheka nasesikole­ni. Ngiyazi ukuthi kunezingan­e ezidinga ukudla nezinye ezidinga imali yesikole. Kumele senze ukuthi ungashabal­ali umoya wothando kaShabalal­a,’’ kusho yena.

UBrady uthe ufisa nabanye osomabhizi­nisi base-USA bafike ukuzonikel­a ezikoleni nasemiphak­athini yakuleli, ukukhombis­a uthando abenalo uShabalala. Uthembise ukuthi maduze bazothatha uthishanhl­oko walesi sikole uNkk Londekile Biyela, ayoncela ulwazi ngezemfund­o e-USA. Uthe bafuna abone indlela izinto ezenziwa ngayo kuleliya lizwe, abuye azotshala esikoleni sakhe.

UNkk Biyela uthe uBrady usefana nelungu laseTsheli­hle. Uthe ubevele evakasha kulesi sikole, ngisho yena engakabi wuthishanh­loko.

“Uyanikela esikoleni, nangesikha­thi kusakhokhw­a ubelekelel­a abafundi abangakwaz­i ukuzikhokh­ela. Kunabafund­i abebefunda kulesi sikole abathathil­e wabafaka emakolishi ase-USA,” echaza.

Phakathi kwalaba bafundi abasizwe wuBrady kukhona noMnuz Zakhele Xaba, naye obekhona izolo. Bekukhona nendodana kamufi uMnuz Nkosinathi Shabalala, ozoqhubeka nokusebenz­isana noBrady nenxusa lase-USA ukweseka lesi sikole.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa