Isolezwe

Obephuza epitsini ufuna isixazulul­o kwelamanzi

- ZANELE MTHETHWA

UFUNA ukuba yisixazulu­lo ezinkingen­i zamanzi ezikhunget­he elakuleli, usosayensi waseMtubat­uba osanda kuqokelwa esikhundle­ni esisha eMnyangwen­i wezaManzi nezokuHanj­iswa kweNdle.

UMnuz Samkele Mnyango (27), uyi-production scientist kulo mnyango kanti wenza nonyaka wesibili ezifundwen­i zomthetho e-Unisa. Utshele Isolezwe ukuthi bambalwa ososayensi bezamanzi abeneziqu zomthetho, yingakho ekhethe lo mkhakha. Inhloso yakhe ngokwenza izifundo zomthetho ukubheka ukuthi izimboni, omasipala, nemiphakat­hi iyayilande­la yini imigomo ehambisana nokuvikelw­a kwamanzi?

“Ngithole ukuthi kubaluleki­le ukukwazi ukuqonda ukuthi isayensi ihlangana kanjani namanzi. Bambalwa abantu abasemkhak­heni wezamanzi abazi ngomthetho, yingakho kwesinye isikhathi bethatha izinqumo ezingafane­le. Ngizimisel­e ukwazi kabanzi ngomthetho othinta ezamanzi, okungaba yisixazulu­lo ezinkingen­i esibhekene nazo.”

UMnyango kumanje wengamele uhlelo lokubheka izindlela zokuhlanza amanzi olwenziwa esigabeni sikazwelon­ke. Uthe njengoba engumxhuma­nisi kulolu hlelo, umatasa nokucwanin­ga ngezindlel­a ezingasets­henziswa ukuze amanzi ahlale ehlanzekil­e.

Uveze ukuthi ukungcola kwamanzi akuyona into yamanje kodwa sekuya ngokwedlul­ela.

“Ukungcola kwamanzi kubulala ngisho umnotho ngoba kufa nemfuyo uma iphuza amanzi angahlanze­kile. Kushayeka nezempilo abantu bagule, kuvalwe nezindawo zokubhukud­a.”

Uthe ukushisa kakhulu, ukuguquguq­uka kwesimo sezulu, nokwanda kwemijondo­lo kunomthele­la ekutheni amanzi angahlanze­ki. Uveze nokuthi nokulima kunomthele­la ngoba kuyenzeka amakhemikh­ali nomanyolo bangcolise amanzi. Uveze ukuthi bazibekele iminyaka emibili ukucwaning­a ngezindlel­a zokuhlanza amanzi.

UMnyango uthe wakhula amanzi ekhiwa epitsini ngakubo, okungeziny­e zezizathu ezimnike umdlandla wokulwa nezinkinga zamanzi. Emuva kokuphothu­la u-matric eMfolozi High, wathola umfundaze woMnyango wezaManzi. Uqale waqashwa njenge-candidate scientist.

Isifiso sakhe ukuvakashe­la izikole aqwashise ngokongiwa kwamanzi nokuvikelw­a kwawo. Uyingxenye yohlelo lo mnyango wakhe olubizwa ngeClear River, lapho kuhlanzwa khona imifula ezindaweni ezisemakha­ya. Kulolu hlelo kuthathwa nezingane zesikole njengoba lwenziwa ngamaholid­i.

UMnyango uneziqu zeBachelor of Science neHonours yeHydrolog­y.

 ??  ??
 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? UFUNA ukuhlangan­isa ezomthetho nesayensi kwezamanzi uMnuz Samkele Mnyango oyi-production scientist eMnyangwen­i wezaManzi nokuHanjis­wa kweNdle, ohola nohlelo lokubheka izindlela zokuhlanzw­a kwamanzi
Isithombe:SITHUNYELW­E UFUNA ukuhlangan­isa ezomthetho nesayensi kwezamanzi uMnuz Samkele Mnyango oyi-production scientist eMnyangwen­i wezaManzi nokuHanjis­wa kweNdle, ohola nohlelo lokubheka izindlela zokuhlanzw­a kwamanzi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa