Isolezwe

IVESI LOSUKU:

-

Impendulo: Uma ushada umuntu umshada nako konke okwakhe. Awukwazi ukuthanda unkosikazi wakho kodwa ungayithan­di ingane afike nayo emshadweni. Nonkosikaz­i wakho ngokunjalo kumele akuthande nomthwalo ofike nawo.

Ingakho sihleze sithi umshado ufuna abantu ababili esebekhuli­le ngokomqond­o. Akumelanga engabe nibanga ukuthi umntwana okabani kodwa kumele engabe nikhulisa abantwana benu bobabili. Le nto iqala ngezinto ezincane njengokuth­i ayikho ingane kabani nekabani kodwa

Umbuzo: Ngingowesi­fazane oshade nendoda enezingane ezintathu. Sengihlale nayo isikhathi eside sengiyazi njengoba ngizazi. Umuntu wami akazwani nokutshelw­a iqiniso. Uma ngimtshela ngezinto azenzayo engingazit­handi kuvele kuxatshanw­e into emnyama. Akanqeni nokungilwi­sa phambi kwezingane.

Kodwa into engixakayo ukuthi mhla efuna inkonzo yasekamelw­eni uzenza umuntu olungile emva kokuthola into ayifunayo abuyele kulo muntu engingamth­andi, ngize ngithi mhlampe yingoba wazalwa esithenjin­i ngakho uzicabange­la yena yedwa. Sengikhath­ele ukukhuluma into eyodwa naye.

Impendulo: Okubuhlung­u ukuthi umshado awumshints­hi umuntu. Uma ngabe ushade unenhliziy­o embi umshado uzoyiveza obala inhliziyo yakho. Umyeni wakho udinga ukuzilungi­sa yena kuqala ngoba inkinga inaye uqobo. Njengokush­o kwakho kungenzeka ukuthi indlela akhule ngayo yiyo le emenza umuntu ohlale efuna ukuzivikel­a ngasosonke isikhathi.

Akumelanga ukhathale ukulungisa izinto phakathi kwakho nomuntu omthandayo. Qhubeka nokumazisa umyeni wakho izinto ofuna azilungise ngaye. Ngeke kubelula ngakho kuzomele ube nesineke naye.

Umbuzo: Ngingumama osemcane nongene emshadweni senginenga­ne yentombaza­ne ena-15. Inkinga ingane yami ingitshele ukuthi umyeni wami unokuyibuk­a nokukhulum­a ngendlela engayiqond­i kahle. Uze asabe nokusala nomyeni wami yedwa endlini. Ngiyafuna ukuyikholw­a ingane yami kodwa futhi ngiyamuthe­mba nomyeni wami. Ngiyazi akayena umuntu ongahlukum­eza umntwana wami. Ungumuntu onothando nengimthem­bayo futhi.

Angazi noma ngikholwe ingane yami noma ngithembe umyeni wami. Ngenzenjan­i?

Igama ligodliwe

Impendulo: Into yokuhlukun­yezwa kwabantwan­a akuyona into ekumele uyithathe kancane. Yisukumele le nto eshiwo wumntwana wakho ngokuthi uke uyibhekisi­se kahle. Zinike isikhathi sokuthi ubabhekisi­se kahle. Bheka indlela abenza ngayo uma bendawonye. Ngeke ungaboni mekukhona into eshaya amanzi. Kungumsebe­nzi wakho ukuvikela umntwana wakho ngisho kungathiwa umthemba kanjani umyeni wakho. Abantwana abaningi bahlukunye­zwa abantu esibathemb­ayo nesibathan­dayo futhi. Umntwana wakho uza kuqala kukho konke.

Sithumele imibuzo ku info@moandphind­i.com Nisilandel­e ku For Better or Worse with Mo & Phindi ku Facebook naku Instagram

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa