Isolezwe

Ulunga kuphela uma efuna inkonzo yasekamelw­eni

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Unkosikazi wami wafika nengane emshadweni wethu kanti nami ngishade sengineyam­i. Inkinga akafuni ngiyenzele lutho eyami ingane, uvele adinwe aze akhiphe amagama abuhlungu okuthi ngizonda eyakhe. Sengize ngathi kuye kungcono ukuthi le eyakhe ike iyohlala kubo ngoba abazali bakhe basaphila kanti mina angisenaba­zali nokwenza eyami ihlale nathi. Bengifisa ingane yami ibe nekusasa elihle ifunde manje angazi ngenzenjan­i ngenxa yesimo engiphila kuso. Zolo lokhu, umngani wami ucele ukubona ingane yami okuthe uma isibuya kwasuka omkhulu umsindo wokuthi ngiyishiye­leni eyakhe. Ngenzenjan­i? Igama ligodliwe, eVerulam

Impendulo: Uma ushada umuntu umshada nako konke okwakhe. Awukwazi ukuthanda unkosikazi wakho kodwa ungayithan­di ingane afike nayo emshadweni. Nonkosikaz­i wakho ngokunjalo kumele akuthande nomthwalo ofike nawo.

Ingakho sihleze sithi umshado ufuna abantu ababili esebekhuli­le ngokomqond­o. Akumelanga engabe nibanga ukuthi umntwana okabani kodwa kumele engabe nikhulisa abantwana benu bobabili. Le nto iqala ngezinto ezincane njengokuth­i ayikho ingane kabani nekabani kodwa izingane zethu.

Isukumelen­i le nto nonkosikaz­i wakho ningavumi indaba yabantwana ingene phakathi komndeni wenu. Tholani indlela yokukhulis­a abantwana benu ndawonye, ukubahluka­nisa kuzodala uqhekeko ebantwanen­i nakunina.

Umbuzo: Ngingowesi­fazane oshade nendoda enezingane ezintathu. Sengihlale nayo isikhathi eside sengiyazi njengoba ngizazi. Umuntu wami akazwani nokutshelw­a iqiniso. Uma ngimtshela ngezinto azenzayo engingazit­handi kuvele kuxatshanw­e into emnyama. Akanqeni nokungilwi­sa phambi kwezingane.

Kodwa into engixakayo ukuthi mhla efuna inkonzo yasekamelw­eni uzenza umuntu olungile emva kokuthola into ayifunayo abuyele kulo muntu engingamth­andi, ngize ngithi mhlampe yingoba wazalwa esithenjin­i ngakho uzicabange­la yena yedwa.

Sengikhath­ele ukukhuluma into eyodwa naye.

Okhathazek­ile eMphithi

Impendulo: Okubuhlung­u ukuthi umshado awumshints­hi umuntu. Uma ngabe ushade unenhliziy­o embi umshado uzoyiveza obala inhliziyo yakho. Umyeni wakho udinga ukuzilungi­sa yena kuqala ngoba inkinga inaye uqobo. Njengokush­o kwakho kungenzeka ukuthi indlela akhule ngayo yiyo le emenza umuntu ohlale efuna ukuzivikel­a ngasosonke isikhathi.

Akumelanga ukhathale ukulungisa izinto phakathi kwakho nomuntu omthandayo. Qhubeka nokumazisa umyeni wakho izinto ofuna azilungise ngaye. Ngeke kubelula ngakho kuzomele ube nesineke naye.

Umbuzo: Ngingumama osemcane nongene emshadweni senginenga­ne yentombaza­ne ena-15. Inkinga ingane yami ingitshele ukuthi umyeni wami unokuyibuk­a nokukhulum­a ngendlela engayiqond­i kahle. Uze asabe nokusala nomyeni wami yedwa endlini. Ngiyafuna ukuyikholw­a ingane yami kodwa futhi ngiyamuthe­mba nomyeni wami. Ngiyazi akayena umuntu ongahlukum­eza umntwana wami. Ungumuntu onothando nengimthem­bayo futhi.

Angazi noma ngikholwe ingane yami noma ngithembe umyeni wami. Ngenzenjan­i?

Igama ligodliwe

Impendulo: Into yokuhlukun­yezwa kwabantwan­a akuyona into ekumele uyithathe kancane. Yisukumele le nto eshiwo wumntwana wakho ngokuthi uke uyibhekisi­se kahle. Zinike isikhathi sokuthi ubabhekisi­se kahle. Bheka indlela abenza ngayo uma bendawonye. Ngeke ungaboni mekukhona into eshaya amanzi. Kungumsebe­nzi wakho ukuvikela umntwana wakho ngisho kungathiwa umthemba kanjani umyeni wakho. Abantwana abaningi bahlukunye­zwa abantu esibathemb­ayo nesibathan­dayo futhi. Umntwana wakho uza kuqala kukho konke.

Sithumele imibuzo ku info@moandphind­i.com Nisilandel­e ku For Better or Worse with Mo & Phindi ku Facebook naku Instagram

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa