Isolezwe

Ngiyinyath­ele emsileni ngolwaKwaM­teyi

-

MHLELI: Ngiyacela noma ngabe isiqeshana ngincikise nakhu ngisha ngaphakath­i enhliziywe­ni yami. Ngingumfan­a ongenalo uvalo, ngingumfan­a ongakwazi ukuthula nento emhluphayo.

Ngake ngabhala ngikhala ngabahleng­ikazi abasebenze­la KwaMteyi emtholampi­lo, ngangikhal­a ngokungana­kwa kweziguli, indaba ifikile kubo okuyinto enhle leyo ngiyajabul­a. Nakhu lapha engikhona ngabahleng­ikazi ukuthi bathi uma bethola lezi zindaba bahamba bebuza ukuthi konje yena muphi lo obhalile, sithini isimo sempilo yakhe.

Ngabe lokhu kuyinto vele abafundisw­a yona ukuba bahambe befuna ukwazi ngezimo zempilo yabantu? Kanti uma ngiyile emtholampi­lo ngiyofuna usizo kubo bona abakuthola esigulini kuba yinto ezoba imvalamlom­o, okusho ukuthi noma benzani kuzothulak­ala ngoba bazotshela abantu. Cha ngathi lo muntu enifuna ukwazi isimo sempilo yakhe akanaluval­o ngayo futhi usazoqhube­ka akhale uma kufanele, ngaphandle kokwesaba futhi kokulandel­ayo igazi ngiyolitha­tha kini bese nisazi-ke isimo sami.

Kunekomiti elibekiwe laphaya kepha sengathi lenziwa izichuse ngoba alinamibon­o ababonisan­i lutho nalo uma kuziwa kumathende, kuqhamuka abantu esingabazi endaweni, kuthiwe bazogubha izihlahla kepha sinentsha egcwele engasebenz­i emakhaya abayiniki ngani lowo msebenzi, ikhiphe lezo zihlahla abangazidi­ngi? Kunenkohla­kalo esisabheke­ne nayo, kunabasebe­nzi abalova izinsuku uma kuzofika umhloli bagcwalisi­swa izikhala ababelove ngazo, baholela amahhala. Anginandab­a nenzondo nokusatshi­swa uma sizenza ongcwele, sibuka sixhashazw­a, sisaba ukufa nenzondo, kusho ukuthi indawo yakithi nomtholamp­ilo wakithi kusazoba yindawo nje yokudlala.

Mpha Omnyama Shabalala EMNAMBITHI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa