Isolezwe

I-internet ingawehlis­a umthwalo

- BONISWA MOHALE

BATHWELE kanzima osomabhizi­nisi baseNingiz­imu Afrika kwazise umnotho awukhuli kahle, abanye sebeze baphoqelek­a ukuthi badilize abasebenzi.

UMnuz Claude Blatter oyinhloko yezokukhan­gisa kwaGoogle Africa, uthe osomabhizi­nisi kufanele babe namasu okubhekana nanoma yisiphi isimo ngoba amabhizini­si amancane yiwona adala amathuba amaningi omsebenzi,

Uveze ukuthi ukubhala izindaba zebhizinis­i kwiinterne­t kuyasiza ukuthi nabanye ozakwenu bazi ngawe nemikhiqiz­o oyidayisay­o. Ubalule ukuthi kwiGoogle bayakwazi ukwenzela osomabhizi­nisi THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook i-business (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma profile umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. mahhala, eyenza kube lula ukuthi bahehe amakhasime­nde. ngakho kubaluleki­le ukuthi ahlonyiswe ngamakhono.

UBlatter uthe osomabhizi­nisi kufanele bazijwayez­e ukuzikhang­isa kwiinterne­t, bafake neminining­wane yabo.

Wenze isibonelo sokuthi uma abantu bazi ukuthi ibhizinisi elithile livulile ngesikhath­i esithile, kulula ukuthi bayothenga abakudinga­yo khona.

UBlatter uthe i-internet akufanele isetshenzi­selwe ukuxoxa izindaba ezingenasi­dingo kodwa osomabhizi­nisi kufanele bayisebenz­isele ukwazi kabanzi amakhasime­nde abo ngoba ibanika ithuba lokuxoxa nawo ngqo.

“Uma usomabhizi­nisi enze i-business profile yethu kuba lula ukuthi ahehe amakhasime­nde nokuthi axhumane nawo. Isibonelo nje abantu abangena kwiGoogle bangaphezu kuka-100 billion ngenyanga. Uma imininingw­ane kasomabhiz­inisi itholakala kwi-internet, kulula ukuthi abantu baxhumane naye. Siyakwazi nokuthi osomabhizi­nisi bazenzele i-website yamahhala uma bekwi-platform yethu,” kusho uBlatter.

Uphethe ngokuthi kunezindle­la ezehlukene abaziseben­zisayo ukuqinisek­isa ukuthi ibhizinisi ngelomuntu osuke efake imininingw­ane yalo, ukuqinisek­isa ukuthi abantu abafaki imininingw­ane engesiyo yebhizinis­i labo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa