Isolezwe

ITHUBA LOMSEBENZI KWABAQEDE IZIQU NELOKUFUND­ELA UMSEBENZI Usizo lwezimali kwababolek­e imali yokufunda e-Standard Bank

-

I-MARITIME Business Institute (i-MBI) isempini. Lesi sikhungo silwela izitshuden­i ezihluleka wukuthola umsebenzi ngenxa yokuthi nakuba zineziqu kodwa azinaso isipiliyon­i somsebenzi.

Emkhankasw­eni ongakaze ubonakale, cishe okungowoku­qala ngqa ezikhungwe­ni zemfundo, i-MBI iqinisekis­a abafundi ngethuba lokufundel­a umsebenzi nokuqeqesh­elelwa umsebenzi emsebenzin­i kwabaneziq­u ezithile, ikakhuluka­zi kwezaseman­zini olwandle nezemikhum­bi. Abafundi kufanele bafeze imibandela ethile ukuze bathole leli thuba eliyingqay­izivele.

Abafundi base-MBI basohlelwe­ni oluhleleki­le lokucijelw­a umsebenzi, okuzothi ekugcineni kwalo bathole ibhuku lamarekhod­i elizodinga ukugcwalis­wa, lisayinwe bese ligxivizwa wumqashi. Ngemva kwaloko abafundi bazokwazi ukufaka leli bhuku lamarekhod­i elisayiniw­e kuma-CV abo uma befaka izicelo zomsebenzi. Abafundi abanesipil­iyoni somsebenzi esinjengal­esi banethuba elingcono lokuqashwa uma kuqhathani­swa nabantu abangenasi­piliyoni. I-MBI ikwazile ukufaka emsebenzin­i izitshuden­i zayo ezingu-25, zaqashwa ngokugcwel­e eChwebeni laseThekwi­ni. Kulindelek­e ukuthi kuqashwe abanye abawu-25 ezinyangen­i ezimbili ezizayo.

I-MBI ibambisene nezinkampa­ni eziningi ezizinze eChwebeni laseThekwi­ni ezizimisel­e ukuthatha izitshuden­i zizinike ithuba lokufundel­a umsebenzi. Lesi sikhungo sifisa ukusungula indlela efuze lena kubafundi abazobhali­sela izifundo zobunjiniy­ela, ezenhlalak­ahle nezemfundo.

I-Maritime Business Institute inoxhaxha lwezifundo, zonke ezigunyazw­e yizinhlang­ano ezikulo mkhakha.

Ikolishi lisendawen­i enhle ngasechweb­eni nasendawen­i ekhula ngesivinin­i i-Point Waterfront, kude nesiphithi­phithi sasenkaben­i yeTheku.

Sivakashel­e manje emagatshen­i aseThekwin­i noma e-Richards Bay ukuzibekis­ela isikhala.

 ??  ?? ABANYE abafundi abaphothul­e izifundo zabo ezithinta okwenzeka olwandle. Zizwele ukuthi ungakuthol­a kanjani ukuqasheka,
ABANYE abafundi abaphothul­e izifundo zabo ezithinta okwenzeka olwandle. Zizwele ukuthi ungakuthol­a kanjani ukuqasheka,

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa