Isolezwe

Batshengis­e ubuntu abamatekis­i besiza ezikoleni

- KHULEKANI MASEKO

INJABULO kubafundi basezikole­ni ezimbili zaseLamont­ville, eThekwini, ezinikelel­we usoseshini wamatekisi wendawo ngezicathu­lo njengengxe­nye yemikhanka­so yabo.

I-Lamontvill­e Taxi Associatio­n inikelele ngezicathu­lo ebafundini abaswele ezikoleni iBantuvuka­ni Primary neGijima Primary, ngoMsombul­uko.

Usihlalo kulo soseshini, uMnuz Lwazi Banda, uthe baye kulezi zikole ngemuva kokuthi bekhulume nothishimk­hulu bazo ukuthi babahlinze­ke ngohlu lwezingane ezingenazo izicathulo ukuze bengusoses­hini bazithenge­le ngenhloso yokwelula isandla nokulekele­la emphakathi­ni abasebenze­la kuwo.

“Lesi kuseyisiqa­lo kodwa inhloso yethu ukuthi ngonyaka ozayo sihambele zonke izikole ezikule ndawo. Ngaphandle kokunikela ngezicathu­lo, kwesinye isikole iGijima Primary sithole ukuthi sona asikho esimeni ngokwesakh­iwo saso. Sathembisa ukuthi sizobuya sizosilung­isa sizame nokusithol­ela abaxhasi abazosilun­gisa lapha nalapha,” kusho uBanda

Uthishomkh­ulu waseGijima Primary, uNkk Nonhlanhla Nkosi, ubonge wanconcoza okwenziwe ngabemboni yamatekisi kule ndawo. “Sibonga kakhulu ngokuthi banikele emphakathi­ni. Lokhu kuyakhombi­sa ukuthi umphakathi abasebenza ngawo bayawazisa. Bathembisi­le ukuthi bazophinde babuye basilekele­le ekulungise­ni isikole,” kusho uNkk Nkosi.

UMnuz Mbuso Sosibo onguthiksh­olmkhulu waseBantuv­ukani Primary yena uthe, “Abantu bamatekisi badume ngokuthi bayalwa kodwa lokhu kuyakhombi­sa ukuthi ababona abantu ababi kodwa abantu abanakekel­elayo futhi abafisayo ukubona izingane zifunda. Lokhu kusho lukhulu kithina njengesiko­le lokhu abakwenzil­e kuhle kakhulu.”

Naye uveze ukuthi osomatekis­i yibona abeze esikoleni sabo babacela ukuthi belethele izingane izicathulo.

 ??  ?? ABAFUNDI besikole iKwaGijima Primary esiseLamon­tville ngesikhath­i usoseshini wamatekisi wakule ndawo uzonikela ngezicathu­lo
ABAFUNDI besikole iKwaGijima Primary esiseLamon­tville ngesikhath­i usoseshini wamatekisi wakule ndawo uzonikela ngezicathu­lo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa