Unefuzela lobuholi entsheni
SIFUNA intsha ingalindi ukwenzelwa izinto nguhulumeni isitshudeni sase-University of Zululand (Unizulu) ebesiyocijwa ngobuholi e-USA.
UYanelisa Menzangabom (22) owenza unyaka wokugcina kwezomthetho, ubeyingxenye yohlelo iStudy of United Institute for Student Leaders ngenyanga edlule.
UMenzangabom waseKokstad uthe akubanga yiphutha ukuba yingxenye yalolu hambo ngoba uyathanda ukusebenzisana nomphakathi. Kwabathathu bakuleli abebeyingxenye yalolu hlelo, bekunguye yedwa ophuma enyuvesi yabamnyama.
“Okwenze ngifake isicelo ukuthi izitshudeni ezimnyama sezilahle ithemba. Ngisho kuvela amathuba afana nalolu hlelo abanye abanawo umdlandla wokufaka izicelo,” echaza.
Uthe ufunde lukhulu kulolu hlelo njengoba bevakashele esiShayamthetho, emisakazweni nakwezinye izikhungo zomphakathi.
“Abantu abaningi bayithatha ngesinxele indaba yobuholi. Kungisizile ukuba kulolu hlelo ngoba sengiyazi ukuthi ukuba umholi akusho ukuthi wazi konke,” kusho yena.
Yize efundela ukuba ngummeli, uthe uthanda kakhulu ukusebenza nomphakathi ngezamalungelo abantu.
Echaza ngokuba yingxenye yalolu hlelo, uthe bekufuneka izitshudeni ezisebenza nemiphakathi. UMenzangabom uyingxenye yeYouth Citizen Action lapho besiza abafundi ezikoleni ezahlukene, bebafundisa ngobuholi. Uthe laba bafundi babafundisa ukuthi benze okuthize okuzosiza umphakathi, babacije ngamakhono. Uhlabeke umxhwele ngendlela athe e-USA ahlonishwa ngayo amavolontiya ezinhlangano zomphakathi. Isifiso sakhe ukuthi nakuleli zihlonishwe izinhlangano ezisiza imiphakathi.
“Siyabadinga abaholi kodwa kumele kuqale kumuntu ngamunye, abe nesifiso sokuba ngumholi. Akulula ukuholwa uma nawe ungafuni kwenza lutho. Wonke umuntu unamandla okuzenzela okuthize, ngaphandle kokulinda uhulumeni,” kusho yena.
UMenzangabom unethemba lokuthi ukuya kwakhe e-USA kuzomvulela namanye amathuba.
Uthe ukukhulela emakhaya yikona okumnike ugqozi lokufunda nokuba ngumholi ngoba ebona indlela abamnyama ababecindezeleke ngayo. Uma eseqede izifundo zomthetho nonyaka, ufisa ukwenza iMasters in Human Rights.
Ungusihlalo we-Unizulu Debating Union lapho besebenzisana khona nabafundi abahlukene nezikole zamabanga aphezulu KwaDlangezwa.